Aweneme amaqembu aphikisayo ngokuphatha kweMeya yaseNMBM

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • IMeya yaseNelson Mandela Bay ithi isisize amasonto ukuthi athole umhlaba futhi ikhiphe namatayitela angu-276 ezinsukwini zayo zokuqala ezingu-100.
  • Amaqembu aphikisayo athi idolobha lingcolile, aliphephile futhi lilahlekelwa yimali ngenxa yezinkinga zamanzi nogesi.

IMeya yaseNelson Mandela Bay, uBabalwa Lobishe, uthi kuningi asekwenzile ezinsukwini zakhe zokuqala ezingu-100, kodwa amaqembu aphikisayo aphikisana nalokho.

ULobishe uthe okunye okumjabulisayo akwazile ukwenza kube lula ukuthi amasonto nezinhlangano ezinakekela izingane zithole umhlaba.

“Abantu bakithi banelungelo lokukhonza ngaphansi kwezimo ezihloniphekile njengoba nathi kumele sikwazi ukuletha usizo emiphakathini ecindezelekile ngokusebenzisa izinhlangano ezingenzi nzuzo zokunakekelwa kwezenhlalakahle,” kusho uLobishe.

Selokhu ethathe izintambo ngoMfumfu, umasipala usunikeze imindeni engu-276 amatayitela, waqala nokubala abantu abahlala ezakhiweni eziba ngemuva kwezindlu.

“Abahlali ezindlini eziyizakhiwo ngemva kwemizi  bafanelwe ukuvikeleka kanye nokunethezeka. Sesiqale uhlelo lokuhlonza nokubhaliswa ngobuningi abantu abahlala emagcekeni e-NMBM ukuze bafakwe kwiRejista Yezidingo Zezindlu kaMasipala,” kusho uLobishe.

Idolobha lizosebenzisa abasebenzi be-EPWP ukubala abahlala emagcekeni kusukela ngoMsombuluko.

Ngemuva kwezinhlekelele zakamuva, uLobishe uthe badinga ukusabela ngokushesha ezimeni eziphuthumayo. 

Bavule ihhovisi elisha lezinhlekelele e-Despatch ukusiza indawo yase-Kariega.

“Siliphothulile ihhovisi lokulawulwa kwezinhlekelele i-Despatch ukuze lisebenze ngokugcwele ukusiza indawo yase-Kariega njengendawo yesathelayithi futhi ibe ikhophi yase-Gqeberha.”

Uthe nabo banohlelo lokuyeka ukulahlekelwa amanzi amaningi.

Kodwa ikhansela le-ACDP uLance Grootboom umake ukuphatha kwemeya ngo1/10.

“Ukube uNelson Mandela uyaphila ubezokunika amaphuzu afanayo. Akwamukelekile ukuthi kumaphutha angu-1 135 okubikwe ngawo amalambu asemgwaqeni angasebenzi, angu-118 kuphela aselungisiwe kusukela ngoMfumfu. Ukulahleka kwamanzi kufinyelele ku-59%, kanti ezinyangeni eziyisithupha zokuqala besivele silahlekelwe ugesi ka-R659m,” esho.

Ikhansela le-DA, uMnuz Mthokozisi Nkosi, lithe yize umkhankaso wesikole weMeya umuhle kodwa idolobha lisenkingeni.

“Idolobha aliphephile,” kusho uNkosi. “Kungcolile. Abugundwa utshani. Akukho okuhle okubonayo; abaphathi bophiko olubhekela ukufaka izicelo zokusebenzela umasipala lusesimweni esibucayi futhi izimoto zomkhandlu zimapeketwane. Amaloli ethu okuhlanganisa namaloli athutha udoti awasebenzi futhi amabhizinisi ayavalwa.”

Osesithombeni esingenhla: IMeya yoMkhandlu waseNelson Mandela Bay uBabalwa Lobishe ekhuluma nomkhandlu.

Umthombo: Sithunyelwe yi-NMBM Communications

Izihloko zakamuva