Aweneme amaProteas ngokungaqokwa kukakaputeni wabo

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ukaputeni weqembu lekhilikithi lamaProteas uDané van Niekerk wake wathi: “Isizini ayichazi ishumi leminyaka lokudlala okungaguquki.”

Ngeshwa ikhilikithi yakuleli ayikuvumi lokho.

Njengoba ephuthelwe ikhilikithi yamazwe omhlaba isikhathi esingaphezu konyaka ngenxa yokulimala, uVan Niekerk ushiywe ngaphandle eqenjini elizodlala kwiNdebe yoMhlaba yakuleli nakuba manje esekulungele ukudlala.

Ikhilikithi yakuleli ibhekane nezinkinga ezinkulu ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abaqoki kubikwa ukuthi balahle uVan Niekerk ngokuphuthelwa umgomo obudingeka wemizuzu eyisishiyagalolunye nemizuzwana engu-30 ekuhlolweni kokugijima okungamakhilomitha amabili.

I-ESPN CricInfo ibike ukuthi uqede ukuhlolwa ngemizuzu eyisishiyagalolunye nemizuzwana engu-48 ngokwamandla akhe. Kodwa-ke, ukuhlolwa okusha okuqinile bekusho ukuthi akumvumeli ukuthi aqokwe kwabazomela iqembu.

UVan Niekerk ngokungangabazeki ungumdlali we-short format ohamba phambili kuleli futhi uyena yedwa ongafinyelela kuma-run angu-1,500 futhi athathe amawikhethi angaphezu kuka-50 kuma-T20Is.

Umlingani wakhe kanye nozakwabo uMarizanne Kapp bangene ku-Twitter bekhombisa ukweseka kwabo uVan Niekerk ofake isithombe ku-Instagram esibhalwe ukuthi uphukile emoyeni kulandela lezi zindaba.

“UVan ungomunye woKaputeni abahamba phambili emhlabeni wekhilikithi,” kubhala u-Kapp.

“Sizobe sikhona isikhala sakhe, kodwa uNkulunkulu unezinhlelo ezinkulu ngaye,” engeza nangoLimi lwesiBhunu.

USuné Luus uzoba ukaputeni wama-Proteas eNdebeni yoMhlaba.

Isithombe esingenhla: UDane van Niekerk

Umthombo wesithombe: @danevanniekerk

Izihloko zakamuva