
Dylan Bettencourt
Amaqembu amathathu ebhola lombhoxo akuleli azoqhudelana ukuze azibekisele indawo kowandulela owamanqamu kwi-United Rugby Championship (i-URC) ngempelasonto.
➤ Ngemuva kokuqala umqhudelwano kabi, amaqembu akuleli akhombise ukuba namandla.
Amaqembu amathathu kwamane abambe iqhaza emqhudelwaneni we-URC azibekisele indawo kuma-quarterfinal azoba kule mpelasonto.
Ama-Blue Bulls azokwamukela ama-Sharks emqhudelwaneni omkhulukazi waseNingizimu Afrika wokucacisa ukuthi ubani ozodlala kwamane wokugcina – kanti iqembu lakuleli elihluliwe lizokhishwa.
Umdlalo ozoba phakathi kwamaqembu amabili ahamba phambili kuleli uzoba ngo-1.40 ntambama e-Loftus Versfeld, ePitoli.
Kamuva ngoMgqibelo i-Stormers izokwamukela i-Edinburgh ngethemba lokuba yiqembu lesibili lakuleli ukuya emzuliswaneni olandelayo.
Umdlalo ozoba enkundleni yezemidlalo i-DHL eKapa uzodlala ngo-1 emini.
Yonke imidlalo ye-URC ingabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 201.
➤ I-French Open ifinyelela esiphethweni sayo esimangalisayo kule mpelasonto lapho okuzobangwa khona izicoco zabesilisa kanye nezabesifazane.
UCoco Gauff (18) waseMelika uzibekisele indawo kowamanqamu ngoMgqibelo lapho azobhekana khona no-Iga Swiatek ohamba phambili.
Umdlalo wamanqamu phakathi kwabadlali ababili bethenisi besifazane abahamba phambili uhlelelwe ukuthi uqale ngo-3 ntambama.
Kuzoba nompetha omusha kwabesilisa ngemuva kokuthi uNovak Djokovic ekhishwe uKing of Clay uRafael Nadal ngoLwesibili ebusuku.
Kodwa-ke uNadal, manje kufanele ahlule u-Alexander Zverev ngoLwesihlanu uma efuna ukubuyisa isicoco sakhe okungenzeka kube okokugcina enza njalo.
UCasper Ruud noma uMarin Cilic bazoma endleleni kaNadal uma sebebanga isicoco sakhe esi-14 se-French Open.
Yomibili eyandulela eyamanqamu ihlelelwe ukuba ngoLwesihlanu ngo-3.45 ntambama.
Yonke imidlalo ye-French Open ingabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 201 naku-214.
➤ Wonke amehlo azobe ethe njo enkundleni yezemidlalo i-Cardiff City njengoba umhlaba uzobe ubukele i-Ukraine izama ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa ezoba ngasekupheleni kwalo nyaka.
Ngemuva kokwenza umbukiso wobuqhawe ibhekene ne-Scotland ngoLwesithathu ebusuku ngokuyihlula ngo-3-1, i-Ukraine izozwa sengathi umfutho uvuna yona kule mpelasonto.
Indawo yokugcina kumaqembu ase-Europe e-Qatar izothathwa ngeSonto emdlalweni ozobe uphakathi kwe-Wales ne-Ukraine ngo-6pm.
I-Ukraine inethemba lokukhuthaza izwe labo elikhungethwe impi ngokuhlungela iNdebe yoMhlaba futhi ngokuqinisekile bazobe benethemba lokuwina uma sebengena enkundleni ngeSonto.
Umdlalo wamanqamu wokuhlenga iNdebe yoMhlaba ungabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 203.
Umthombo wesithombe: @Wtiness