AweDudula aqinise umkhankaso wokuvala izibhedlela

Sibonelo Zwane

Inhlangano i-Operation Dudula iqinise umkhankaso wawo wokulwa nabaphuma emazweni angaphandle abasebenzisa usizo lwezokwelashwa kuleli ngokuvala ezinye izibhedlela ezimbili zaseGoli ngoLwesithathu.

Ngasekuqaleni kwenyanga leli qembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle liqale ukuhlukumeza iziguli zasesibhedlela i-Kalafong e-Atteridgeville okukholakala ukuthi ziphuma emazweni angaphandle.

Bandise umkhankaso wabo ngoLwesithathu ngokuhlola indlela abakhuluma ngayo kanye nokubukeka kweziguli ngaphandle kwesibhedlela i-Tembisa kanye neChris Hani Baragwanath.

Umbono wabo ukuthi njengoba kunokuhlinzekwa kwezempilo okulinganiselwe kuleli, kufanele abantu bakuleli kube yibona ababekwa phambili. Abaphuma emazweni angaphandle kufanele bavinjwe ngenkani ukuthi bengalutholi usizo lwezokwelashwa.

Isimo esisemthethweni esiqondile sabantu abaphuma emazweni angaphandle okumele siqondiswe kubo, kodwa-ke akucacile. Amanye amalungu afuna ukuvimbela abaphuma emazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho ukuthi bengalutholi usizo lwezokwelashwa. Abanye bafuna kuvinjelwe bonke abaphuma emazweni angaphandle.

NgoLwesithathu kube nokushuba kwesimo esibhedlela i-Kalafong phakathi kwamalungu e-Operation Dudula namalungu e-EFF ahlele umbhikisho wokuphikisa owamalungu eDudula.

Isimo siye sashuba kakhulu ngesikhathi amalungu e-Operation Dudula ethi alimale ngesikhathi exabana namalungu e-EFF.

Kodwa-ke, esikhathini esiningi sosuku la maqembu womabili ebehlaselana esebenzisa amagama kuphela ecula nezingoma zomzabalazo ezidelelayo.

Kodwa amaphoyisa awazange asondele. Ngokungafani nasemasontweni adlule lapho iveni eyodwa yamaphoyisa ebiqaphe khona isimo esibhedlela kanti kujutshwe amanye amaphoyisa ngoLwesithathu kwathunyelwa nezimoto ukuyoqapha isimo esishubile.

NgoLwesihlanu ngesonto eledlule, uMnyango wezeMpilo eGoli uthole incwadi yenkantolo evimbela amalungu e-Operation Dudula ukuthi asabise iziguli noma abasebenzi esibhedlela. Amalungu eDudula awushaye indiva lo myalelo futhi aqinise imibhikisho yawo ngaphandle kwase-Kalafong nakwezinye izibhedlela.

NgoLwesithathu ngesikhathi kuqubuka izinxushunxushu esibhedlela i-Kalafong, iqeqebana lamalungu e-Operation Dudula liye esibhedlela sase-Tembisa kumasipala wase-Ekurhuleni ngesikhathi elinye iqeqebana liya e-Soweto liyobhikishela iziguli eziphuma emazweni angaphandle ezingeniswe eChris Hani Baragwanath Academic – isibhedlela esikhulu kunazo zonke e-Afrika.

Leli qembu liye erenki yase-Bara maqondana nje nesibhedlela kanti kuthiwa liphoqe abadayisi ukuthi baveze izingalo zabo zangakwesokudla ukuze baqinisekise ukuthi ngabakuleli. Abanye bebekholwa ukuthi izibazi zokugoma engalweni yangakwesokudla ziyinkomba yokuthi umuntu ungowakuleli yini noma cha.

USihlalo we-Operation Dudula eGoli uMnu Siphiwe Shabangu uthe bazoqhubeka nokuhlala ngaphandle kwazo zonke izikhungo zezempilo eGoli kuze kube izimfuno zabo ziyahlangatshezwa.

Izihloko zakamuva