Awebhola lombhoxo aseNingizimu Afrika aqhwakele

Dylan Bettencourt

Amaqembu aseNingizimu Afrika i-Sharks ne-Stormers aphakathi kwamaqembu abhekwe kakhulu kwi-United Rugby Championship (i-URC).

NgoLwesibili i-URC ithe ababukeli bayo bamabonakude bafinyelele kubantu abangu-13.3 million ngomjikelezo wesi-12 walo mqhudelwano, behlula irekhodi likamabonakude langaphambilini lebhola lombhoxo lika-12.9 million, elaqoshwa yi-Pro14 Cup ngo-2020/21.

Idatha enikezwe i-Nielsens iphakamise ukuthi izithameli zikamanonakude zizokhula njengoba umqhudelwano uqhubeka. Kusele imidlalo emibili kuphela yesigaba samaqoqo ngaphambi komzuliswano womkhumulajezi.

Imininingwane iphinde yanikeza uhlu lwamaqembu abukwa kakhulu kumabonakude.

“I-Munster iyiqembu elibhekwe kakhulu kwi-URC kuze kube manje njengoba i-Leinster, i-Sharks, i-Connacht kanye ne-Stormers bonke belandela eduze,” kufundeka isitatimende se-URC.

“Ababukeli abahlangene abangaphezu kwabangu-1.7 million emzuliswaneni wesibili basalokhu beyinani eliphakeme kunawo wonke kule sizini ephule irekhodi langaphambilini lika-853,000 kusukela ngo-2017/18.”

Kungokokuqala amaqembu aseNingizimu Afrika engenela lo mqhudelwano ohlanganisa amaqembu ase-Ireland, e-Scotland, e-Wales nase-Italy.

Isikhulu esiphezulu salo mqhudelwano uMartin Anayi uthe ukwengeza amaqembu aseNingizimu Afrika kuvumele i-URC ukuthi ithole isasasa elikhulu.

“Ekugcineni, isasasa enkundleni lihambisana nozungu lwamaqembu amane amakhulu aseNingizimu Afrika ajoyina iligi ukunikeza umphumela omuhle koala kube umzamo wokubambisana wangempela ovela kubalingani bethu bokusakaza kanye neligi ukukhulisa lokho kuthakasela,” esho.

Kuningi okwenzekile mayelana namaqembu aseNingizimu Afrika angena kulo mqhudelwano, ikakhulukazi ngemuva kokuthi wonke eqale kabi, kodwa imidlalo yasekhaya isishintshile.

Emidlalweni engu-40 phakathi kwamaqembu asuka enyakatho nenkabazwe ye-southern hemisphere, amaqembu aseNingizimu Afrika awine imidlalo engu-24 ahlulwa kwengu-15, owodwa waphela ngokulingana.

Njengamanje i-Stormers ihlezi endaweni yesibili kanti i-Sharks isendaweni yesine. Ama-Blue Bulls aphansi endaweni yesishiyagalombili kanti ama-Lions asendaweni yesi-12.

Amaqembu ayisishiyagalombili aphezulu azongena esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokuphothulwa kweyamaqoqo ngomhlaka-21 kuNhlaba.

Umthombo wesithombe: @PlanetRugby

Izihloko zakamuva