Awe-GNU eKZN azitapele izikhundla iMK iduba umhlangano eSishayamthetho 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Bakhala bayazithulisa abeqembu loMkhonto weSizwe ngemuva kokuthi amaqembu akuHulumeni woBumbano KwaZulu-Natal eshaye leli qembu ngemfe iphindiwe ngokuthi azitapele izikhundla ngemuva kokuthi lidube umhlangano wokukhetha amakomidi.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ngesikhathi kuqokwa ozihlalo bamakomidi okuyiwo alawula ukusebenza kweMinyango kaHulumeni wesifundazwe. 

AboMkhonto weSizwe ne-EFF bebengayizwa indaba yalo mhlangano bekhala ngokuthi uSomlomo uNontembeko Boyce uphule eminye yemithetho ehambisana nokuqokwa kozihlalo bamakomidi.

Bebekhala ngokuthi amakomiti kwakufanele aqokwe ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa kukhethwe uSomlomo nephini lakhe.

USomlomo ukuchithile ukukhalaza kwaboMkhonto nabe-EFF wabeka nemithetho evumela ukuqokwa kwamakomidi.

Uthe uma eqeda aboMkhonto baphuma bajokola beduba umhlangano balandelwa i-EFF.

Yilaphoke i-ANC, i-DA ne-IFP besale bazitika ngezikhundla.

Omunye wabaholi obejabule uzwakale ethi: “Hheyi ngiyaqala ukubona izikhundla eziningi kangaka kuze kuphele abantu. Phela zimbiwe insele lapha. Ukube iMK ayiphumanga ibizocosha nayo,” kusho lo mholi.

Nokho umthetho ubuqinile kukhethwa njengoba uSomlomo ebize abezokuphepha ukuba bavale iminyango kungaphumi muntu ngoba izibalo bezizogcina zibaphika.

Kuthiwa okhulumela uKhongolose ubexinekile edinga ukuya endlini encane kodwa uvinjiwe kwaze kwaphela ukukhetha.

UKhongolose uzitapele izihlalo eziyikhombisa ngesikaSihlalo wosiHlalo.

I-IFP ithole izihlalo eziyisikhombisa kwathi i-DA yathatha ezinhlanu.

UMkhonto weSizwe ne-EFF bakhiphe isitatimende bethi abuhlakazwe ubuholi bamakomiti ngoba abukho emthethweni.

Ngokwemithetho yasesiShayamthetho iMK yiyo ebizolawula uHulumeni ngamakomiti njengoba izibalo zayo zikhomba ukuthi yiyo eningi. 

Usihlalo wentsha ye-IFP eKZN uMnuz Mncedisi Maphisa uthe bakushayela ihlombe ukuthi intsha ibephambili ekuqokelweni lezi zikhundla ezibalulekile ekuhanjisweni kwentuthuko kubantu.

“Uma uzobheka, uKhongolose uqoke uSizophila Mkhize nabanye abasebasha. Kwathi i-IFP yafaka isibalo esiphezulu sabaholi bentsha kulamakomidi. Ngakho lokhu kuyasikhombisa ukuthi intsha yaKwaZulu-Natal isiholwa abantu abalingana nayo nabaziqondayo izidingo zayo,” kusho uMaphisa.

UMaphisa usenguSihlalo wekomidi elibheke ukusebenza koMnyango wezokuThutha, uSizophila Mkhize we-ANCYL uhola ikomidi eliqaphe ukusebenza koMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Mafika Mndebele oke wakhulumela intsha yamaKhomanisi eKZN uhola ikomidi elibheke uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo, uDkt Andile Biyela obehola uphiko lwabafundi be-IFP eMangosuthu University of Technology usenguSihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu bese kuthi uMgcinimafa we-IFPYB uNksz Noluthando Dlamini uqokelwe ukuhola ikomiti elizoqapha ukusebenza koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.

Izihloko zakamuva