AwaseThekwini asasebenza emabhuthini ezimoto

Celani Sikhakhane

Amakhansela aseThekwini asasebenza emabhuthini ezimoto zawo ukusiza imiphakathi njengoba umasipala usahluleka ukuwahlinzeka ngamahhovisi.

Selokhu bakhethwa ngokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi nyakenye, akuwona wonke amakhansela aseThekwini anikezwa amahhovisi.

Bathi izicelo zabo ziwela ezindlebeni ezingezwa njalo uma beveza lolu daba.

Ngasekuqaleni konyaka i-Scrolla.Africa sibike ngenkinga yamakhansela omasipala weTheku aveze ukuthi lesi simo sibeka impilo yawo engcupheni.

Ikhansela le-ActionSA uMusa Kubheka utshele i-Scrolla.Africa kuleli sonto ukuthi basebenzela endaweni yokupaka izimoto kumasipala noma emakhaya.

“Lena akuyona yodwa inkinga esibhekene nayo,” kusho uKubheka.

“Siphinde sibe nenkinga ngezokuphepha.”

Uthe amakhansela e-ANC kuphela athathelwa phezulu uma efuna ezokuphepha.

“Uma kukhulunywa ngamaqembu aphikisayo usomlomo uThabani Nyawose ubukeka ehudula izinyawo. Asizitholi ngisho nezimpendulo zokuthi kwenzakalani ngokuhlaziywa kwezinsongo.”

Amanye amakhansela aze aphakamisa ukuthi umasipala uwaqashele amahhovisi ezindaweni zezitolo ukuze bakwazi ukusiza imiphakathi bephephile.

Iningi lamakhansela abonakala ezindaweni zokupaka izimoto enxanxatheleni yezitolo ekhipha izincwadi eziqinisekisa ukuthi uhlala kuphi nezinye izincwadi ezibalulekile kumalungu omphakathi.

USotswebhu we-DA uMnu Thabani Mthethwa ufune izimpendulo kuSomlomo njengoba lokhu sekuthathe isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha.

I-Scrolla.Africa sizamile ukuxhumana noSomlomo uNyawose kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nemiyalezo athunyelelwe yona akayiphenduli.

Scrolla World Cup Quiz