
Arthur Greene
Kuthiwa amasosha ase-Russia ebedlwengula abesifazane namantombazane e-Ukraine.
Imibiko nobufakazi bamacala empi enziwe e-Ukraine kuveze ukusetshenziswa kokudlwengulwa kwabesifazane namantombazane njengethuluzi lempi ngamasosha ase-Russia.
Ngemuva kwenyanga kuliwa njengoba i-Russia iqale ukuhlasela i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja, ngesonto eledlule i-Russia imemezele ukuthi izohoxa enhlokodolobha i-Kyiv nasezindaweni ezisenyakatho ezizungezile.
Ngesikhathi amasosha ase-Ukraine engena kulezo zindawo kuleli sonto, athole ubufakazi bamacala empi: amathuna amaningi ezakhamizi, izidumbu ezidindilize emigwaqeni kanye nabesifazane namantombazane abahlukunyeziwe baphinde badlwengulwa ngamasosha ase-Russia.
Umhlaba uthukile ngenxa yesithombe esithathwe umthwebuli wezithombe uMikhail Palinchak kuthelawayeka ngaphandle kwase-Kyiv. Izidumbu zabesifazane abathathu nowesilisa oyedwa zilele ngaphansi kwengubo. Laba besifazane bebenqunu kanti imizimba yabo ibishisiwe, ngokusho kukaPalinchak.
Kwezinye izindawo kube nemibiko enyantisayo yokudlwengulwa kwabesifazane nezingane ngaphambi kwemindeni yabo ngamasosha ase-Russia.
NgoNdasa, iLungu lePhalamende lase-Ukraine litshele i-Sky News ngombiko lapho okudlwengulwe khona umama phambi kwengane yakhe.
“Kudutshulwe kwabulawa umhlali emzini wakhe edolobheni elincane eduze kwase-Kyiv,” kusho uMaria Mezentseva etshela intatheli uSophy Ridge.
“Ngiyaxolisa kodwa kumele ngikusho lokhu – unkosikazi wakhe udlwengulwe amahlandla amaningi phambi kwengane yakhe encane.”
NgoMgqibelo, inxusa lase-UK e-Ukraine lithe ukudlwengula kusetshenziswe njengesikhali sempi ngamasosha ase-Russia.
“Nakuba singakazi ukuthi kusetshenziswe kangakanani e-Ukraine kodwa sekucacile ukuthi bekuyingxenye yezikhali [zase-Russia],” kubhala uMelinda Simmons ku-Twitter.
“Abesifazane badlwengulwe phambi kwezingane zabo, amantombazane phambi kwemindeni yabo, njengesenzo samabomu nokugcindezela,” engeza.
Ukudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi kungamacala empi kanye nokwephulwa komthetho wamazwe ngamazwe wobuntu. Umshushisi-Jikelele wase-Ukraine kanye neNkantolo Yamazwe Ngamazwe bobabili bathe bazophenya ngemibiko yokuhlukunyezwa ngokocansi.