AwaseRussia abulale owayengukaputeni welombhoxo e-Ukraine

Dylan Bettencourt

Owayengukaputeni weqembu lombhoxo lase-Ukraine uTsibko usale enkundleni ngesikhathi elwa namasosha ase-Russia edolobheni lase-Bucha.

Kubikwa ukuthi lo mlisa (55), ushone ngomhlaka-31 kuNdasa, kodwa ukuqinisekizwa kokushona kwakhe kuze kwenziwa ngoMbasa.

Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi njengokaputeni weqembu lesizwe, uTsibko wabe eseba nguMengameli wenhlangano yebhola lombhoxo phakathi konyaka ka-2003 no-2005.

UTsibko wabe eseshiya umsebenzi wakhe ebholeni lombhoxo ukuze athole indawo ePhalamende, ngesikhathi esebenza njengemeya yase-Smila iminyaka emithathu phakathi kuka-2015 no-2018.

Umngcwabo walesi sihlabani sebhola lombhoxo ubungoLwesithathu emathuneni ase-Baykove e-Kyiv.

Yize imbangela yokushona kukaTsibko ingakaziwa, usihlalo wesifunda sase-Cherkasy uValeria Bandurko uqinisekise ukudlula kwakhe emhlabeni ku-Facebook.

Zolo lokhu, wonke umuntu ubenethemba lokuthi imibiko yokushona kowayeyimeya yase-Smila ibingelona iqiniso,” kubhala uBandurko.

Kodwa ngeshwa, namuhla, bathole isitifiketi esisemthethweni sokushona kowayeyimeya yase-Smila, u-Aleksey Alexandrovich Tsybko. Ukuvaleliswa kwakhe kuzokwenziwa mhla ziyisithupha kuMbasa emathuneni ase-Baykove e-Kyiv.”

Kungene amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukakaputeni wase-Ukraine.

Owayengukaputeni weNgilandi nosihlalo we-World Rugby uMnu Bill Beaumont udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaTsibko.

“NgoSuku Lwezemidlalo Lwe-UN, imicabango yethu inomndeni webhola lombhoxo wase-Ukraine obhekene nezinselelo ezimangalisayo njengamanje,” ebhala ku-Twitter.

“Sikhumbula nalabo abayizisulu zodlame lwakamuva, okuhlanganisa nowayenguMengameli wenyunyana u-Oleksii Tsibko.” 

Abasubathi abambalwa bakudala nabamanje bazibeka phambili ukulwa nokuhlasela kwe-Russia okuqale ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Amasosha ase-Russia ashiye idolobha lase-Bucha, lapho uTsibko abulawelwe khona. Kodwa sekuvele ubufakazi bokuthi enze ubugebengu obukhulu bempi, kanti kukholakala ukuthi ubulale okungenani abantu abangu-300. 

Umthombo wesithombe: @MorariuOctavian

Izihloko zakamuva