AwaseGoli abophe abavukuzi abangekho emthethweni

Everson Luhanga

Amaphoyisa aseGoli abophe abavukuzi abangekho emthethweni abangu-30 ngoLwesine njengengxenye yomkhankaso wokulwa nokuphulwa komthetho esifundeni.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo, uthe amaphoyisa aphazamise abavukuzi abangekho emthethweni e-Benoni, e-Ekurhuleni ngesikhathi kunomkhankaso we-Operation O Kae Molao.

Izikhulu zamaphoyisa eziseqophelweni eliphezulu zihlanganyele noNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGoli, uFaith Mazibuko kanye noKhomishana wesiFundazwe saseGoli uLieutenant General Elias Mawela kwelinye lamalokishi ase-East Rand elidume ngezimayini ezingekho emthethweni.

UMasondo uthe abavukuzi abangekho emthethweni, abaneminyaka ephakathi kwengu-13 kuya kwengu-54, batholwe neziqhumane nezinye izinto ezisetshenziselwa ukumba ngokungemthetho.

“Amaphoyisa acekele phansi izakhiwo ebezisetshenziswa njengezinkundla zokugcina amathuluzi eziphinde zibe izindawo zokucasha zabavukuzi abangekho emthethweni,” kusho uMasondo.

“Abasolwa bazobekwa amacala ngaphansi komthetho othinta ukusebenza kwezimayini ngokungemthetho kanye nokutholakala neziqhumane ezingekho emthethweni phakathi kobunye ubugebengu.”

Uthe abasolwa bazophenywa uMnyango wezaseKhaya njengoba bonke kusolwa ukuthi baphuma emazweni angaphandle nokuthi abanayo imvume yokuba kuleli.

UMasondo wengeze ngokuthi umkhankaso wezinhlaka ezahlukene uqale ngokuthungathwa kwabasolwa abebefunwa uthuli esifundazweni.

“Bangaphezu kuka-1 050 abantu abebegcwele amathafa ngemuva kokuthi benze ubugebengu obuhlanganisa udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nokuthi baboshwe.”

Uthe esigabeni sesibili salo mkhankaso amaphoyisa abe nesivimbamgwaqo e-Benoni lapho okuboshwe khona izimoto ezimbili ezinezinombolo zenjini eziphazanyisiwe. Izitolo zotshwala ezingekho emthethweni eziyisikhombisa ezithathwa njengeziphehla ubugebengu zivaliwe.

Amaphoyisa enze imikhankaso efanayo esifundeni sase-West Rand ngemuva kwesigameko sokudlwengulwa kwabesifazane e-West Village ngoNtulikazi.

Izihloko zakamuva