Awase-Afrika ngeke esahlupheka ngokuthola eye-Covid

Arthur Greene

Udokotela uPatrick Soon-Shiong waseNingizimu Afrika ongusozimali uvule imboni yesitshalo eKapa ezokwenza imithamo eyisigidi ngonyaka yokugomela i-Covid-19 kuze kube unyaka ka-2025.

USion-Shiong noMengameli uCyril Ramaphosa bakhulume ngesikhathi kwethulwa i-NantSA Vaccine Manufacturing Campus ngoLwesithathu.

“Sifuna ukukhiqizela amazwe ase-Afrika wonkana siphinde sidlulele phambili emhlabeni wonke,” kumemezela uSoon-Shiong.

Lesi sitshalo sizoba esikhulu kunazo zonke ezwenikazi njengoba sizokwenza konke , okusho ukuthi sizokwenza imithamo yokugoma kuzo zonke izigaba zokukhiqiza.

Sizokhiqiza umgomo waso obizwa nge-T-cell spike nucleic(SN) owenziwe inkampani kaSoon-Shiong ye-biotech yaseNingizimu Afrika, ebizwa nge-NantSA,

USion-Shiong, oneminyaka engu-69, wafunda eGoli ngaphambi kokuthuthela eMelika. Lapho wafika wasungula umshanguzo womdlavuza obizwa nge-Abraxane futhi kamuva wasungula inkampani yakhe ye-biotech, i-NantWorks.

Ngonyaka ka-2018, wathenga amaphephandaba aseMelika i-Los Angeles Times kanye ne-San Diego Union-Tribune.

Ngesikhathi kwethulwa lesi sitshalo, uRamaphosa uncome wathi “i-Afrika angeke isaba abokugcina ukuthola imigomo yokulwa nobhubhane, futhi akumele iphinde ihamba incenga emazweni aseNtshonalanga ifuna imigomo ye-Covid. 

Ufunge wathi: “Sizozimela  ngaphandle kwemicabango yokuthi angeke amanye amazwe abe namandla  okusiphatha ezwenikazi.”

Selokhu kwasungulwa futhi kwasatshalaliswa imigomo ye-Covid-19, amazwe amaningi ase-Afrika athwale kanzima ukuthola imigomo njengoba amazwe acebile eyithenga kalula.

Kusukela ngoLwesithathu, u-10% kuphela wabantu base-Afrika abasagonywe ngokuphelele kanti bangu-62% abantu baseMelika e-UK bangu-72% asebethole umjovo we-Covid.

Isikhungo sokugoma i-NantSA sihlose  ukusabalalisa imigomo eyengeziwe ezwenikazi lonke.

Umthombo wesithombe: @TanzaniaInsight

Scrolla World Cup Quiz