Awase-Afrika adlale ngokuzimisela kweyama-Commonwealth Games

Razeen Gutta

Njengoba uhlelo lwama-Commonwealth Games selufike esiphethweni amandla wonke asebekelwe imincintiswano yango-2026.

Imidlalo ehlelelwe ukuba e-Victoria e-Australia ichazwa ngokuthi “ayiqinisekisiwe”.

Kodwa-ke, e-Afrika iphupho lokudlala kule mincintiswano liyaqhubeka.

I-Nigeria, elakuleli kanye ne-Kenya kube amazwe amathathu ase-Afrika ahamba phambili ohlwini lwezindondo kanti naphezu kwenjabulo nobumbano olukhona kwizwekazi le mincintiswano isaqhubeka nokugxekwa.

Izindleko eziwu-£778 million (u-R15.3 billion) zokusingatha le mincintiswano, kuhambisana nokulwela ukubaluleka kwayo okubeke imibuzo ngekusasa lale mincintiswano.

UMike Henson we-BBC Sport uthe le mincintiswano ibingakhangiswa kalula nokuthi kulo nyaka le mincintiswano “ibingenakho konke”.

Ngakolunye uhlangothi u-Andy Bull we-The Guardian uqhathanise le mincintiswano nama-Olympics.

“Ngesikhathi abasubathi bedlala imidlalo yama-Olympics, abalandeli bavele bayeka ukulandela ama-Commonwealth Games,” esho.

Ukuntuleka komoya wama-Olympic kule mincintiswano sekukhulunywe ngakho kakhulu ezikhathini zamuva nje. Kodwa-ke, kubantu base-Afrika ithuba abalinikezwayo liba umncintiswano obalulekile.

Le mincintiswano iphinde ibe nenani lemidlalo engafakiwe kuma-Olympics futhi inika abasubathi abasebasha namazwe amancane inkundla yokugqama.

Umshayisibhakela wase-Mozambique uTiago Osorio Muxanga, owine indondo yesiliva esigabeni sabesilisa se-light-middleweight, uthe le midlalo igqugquzela intsha.

“Lokhu kusho lukhulu kimina ngoba ngimmele abantu abangu-10 million base-Mozambique abahluphekayo, abalwela impilo engcono,” kusho uMxanga (21) etshela i-BBC Sport Africa.

“Le mincintiswano ingagqugquzela intsha eningi ukuthi ilandele isibhakela noma eminye imidlalo. Ngicabanga ukuthi lokhu kuzogqugquzela intsha eningi yase-Mozambique ukuthi ilandele amaphupho ayo.”

UMaxwell Jele we-Eswatini Olympic and Commonwealth Games Association uthe i-Birmingham 2022 inikeze izwe elincane ithuba elikhulu.

“Silethe iqembu elincane uma kuqhathaniswa namanye amazwe. Kodwa-ke siqinisekise ukuxubana okuhle kwemidlalo nobulili,” esho.

“Sizibekele izinhloso ezisuselwe kumasu ethu esikhathi eside futhi sigxile kubasubathi abazakhela ikusasa eliqhakazile.

Umthombo wesithombe: @TheBridgeNews

Izihloko zakamuva