Awakhombisanga ukuzimisela amaProteas emdlalweni wawo e-Melbourne

Ukuzinikela kwamaProteas ukuthi ahlulwe kuwuphawu lokuthi iqembu eliwinayo alihlali isikhathi eside ngaphandle kokunqoba imidlalo, kubhala uLucky Maree. 

AmaProteas enze okubi kakhulu kunokuhlulwa emdlalweni wabo we-test yesibili e-Melbourne ekupheleni kukaZibandlela ngonyaka odlule njengoba evele azinikela. 

Amaphuzu abo angu-189 kuma-innings okuqala okuhlanganisa nokudlala kukaKyle Verryne (52) benoMarco Jansen (59), kodwa bobabili abadlali bangene emlilweni we-Cameron Green. Abadlali abane bama-Proteas basale namabhola angu-21 bashaya ama-runs ayisishiyagalolunye phakathi kwabo. 

Ukubuka amaProteas edlula kulokhu njengama-Zombie kwifilimu ye-Apocalypse kuyinto ongayigcina kumabonakude. Kungcono ngoba bekuwusuku oluhle lokushisa inyama kuleli. 

Abashayi be-Aussie bakhiphe abashayi bebhola bakuleli, bashaya ama-half-centuries amathathu kanti uDavid Warner ushaye i-double-century kwathi u-Alex Carey wathola ama-runs angu-111.

Into ezokhunjulwa ngabashayi bamaProteas ukuzimisela ababe nakho ekugcineni komdlalo bathola ama-innings esibili nakuba konke bekubukeka sekulahlekile, kodwa akwenzekanga lokho. UTemba Bavuma uzihlengile ngama-runs angu-65 ngemuva kokushaya i-run eyodwa kancane kwi-innings yokuqala, kanti ugcine ephumile ngokudlala budedengu kukaNathan Lyon, kwaba sengathi usephelelwe ithemba.

Kwenzeka kanjani-ke ukuthi elakuleli lishawe emidlalweni yayo emine yokugcina ye-test?

Wonke umuntu uyazi ngezinkinga zekhilikithi yakuleli. Ngeke libe khona iqembu elihlale liphumelela enkundleni kuze kube abaphathi bekhilikithi bathola isixazululo kupolitiki yekhilikithi yakuleli e-boardroom.

Uyamthanda noma uyamzonda uRassie Erasmus kumele athole udumo olukhulu ngokuhola amaBhokobhoko ukuthi  anqobe iNdebe yoMhlaba.

Ngesikhathi ethatha izintambo kwelombhoxo lakuleli, walungisa izinkinga zasemahhovusi futhi wakwenza njengento eza kuqala.

Kunzima ukukhumbula isikhathi lapho abantu bezibuza ukuthi ngabe uSiya Kolisi uqokwe kwezepolitiki. Ngesikhathi amaBhokobhoko engena enkundleni ebhekene ne-England e-Twickenham ngoLwezi, yibo kuphela abathandwayo be-quota system ephelelwe isikhathi ababhekane nokucwasana ngokwebala.

Bewina noma behlulwa amaBhokobhoko awalilahli ithawula. 

Futhi manje ngemuva kweminyaka emine amaBhokobhoko angase angabi izintandokazi zeNdebe yoMhlaba, kodwa asethubeni elihle yokubuyisa indebe futhi. Uma bengakwenzi kumele kulindelwe imidlalo enzima nokuzama okunzima njengoba kubonakala sengathi leli qembu lizolwa kuze kube sekugcineni.

Kunesifundo kubaphathi abakhulu bekhilikithi yakuleli.

Hlunga izinkinga kusukela phezulu kwehle, okuhlanganisa nokubheka kahle esibukweni. Ilaphoke esizobona abadlali bejuluka bezimisela enkundleni bekhombisa ukulangazelela ukuwina. Elakuleli lifanelwe okukhulu kunalokhu. 

Isithombe esingenhla: AmaProteas ebhekene ne-Australia

Umthombo wesithombe: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva