
Dylan Bettencourt
UNeliswa Mxhakaza ongomunye wamawele izwi lakhe elahlaba umxhwele u-Unathi Nkayi kuma-SA Idols ngo-2013 waze wakhihla isililo, uveze ukuthi yena nodadewabo abakalilahli ithemba ngephupho labo lomculo.
UNeliswa newele lakhe u-Anele bamangaza ababukeli bomncintiswano ngethalente labo eliyingqayizivele.
UNeliswa ongowokuzalwa eThekwini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi basamile ngezinhlelo zokuqhubeka nomculo wabo ngoba usakhulisa indodana yakhe enezinyanga ezimbili, uZukhanye.
Uthe ukufika kwengane yakhe kumnike omunye umbono ngempilo.
“Kuningi esesidlule kukho kusukela siqale ukubonakala kuma-Idols. Sasisebancane futhi singenalwazi ngezinto eziningi.
Udumo belungaphezu kwethu futhi mhlawumbe ingakho umsebenzi wethu womculo ungazange uthuthuke njengoba sasihlelile. Ukubeletha umfana wami kungenze ngayithokozela kakhulu impilo,” kuchaza uNeliswa.
Ikusasa labo eliqhakazile lafiphala ngesikhathi kuvela ukuthi bayizisulu zikamfundisi wase-Nigeria uTimothy Omotoso ngonyaka ka-2017.
Kumanje umfundisi webandla i-Jesus Dominion International Church usejele nabanye ababili asolwa nabo kulandela ukuboshwa kwabo eminyakeni emihlanu edlule. Abasolwa babhekene namacala angu-97 okuhlukumeza ngokocansi amantombazane amancane.
UNeliswa uthi u-Omotoso akazange abashaye kodwa izikhathi eziningi wayekhuluma amazwi angafanele ngemizimba yabo okwakubenza bangakhululeki.
“Indaba ka-Omotoso yasiphatha kabi futhi sasiswele ngisho umgodi wokucasha kodwa ngoNkulunkulu nokwesekwa abasondelane nathi sikwazile ukuqhubeka nempilo,” usho kanje.
“Udadewethu uyangeseka futhi akangijahi ngokwenza umculo. Okwamanje umatasa nezifundo zakhe.”
UNeliswa uthe abakakulungeli ukukhipha i-albhamu kodwa basazoqhubeka nokwenza izingoma zabo, ezifana nale ethi “Ubomi” abayicula noZahara nenye ethi-Take Me Back”.