Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ummeli kammangalelwa osolwa ngokudlwengula uTimothy Omotoso usephinde wafaka isicelo sokuthi amacala abekwe wona ahoxiswe.
Ummeli wakhe, u-Advocate Peter Daubermann, uthi abashushisi bombuso bangaphambilini bazama ukuthola ofakazi ukuze basenge ezimithiyo enkantolo.
U-Omotoso naboshwe nabo ababili, uZukiswa Sitho noLusanda Sulani, bavele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngamacala okukhwabanisa, ukuhlukumeza ngokocansi, ukudlwengula nokushushumbisa abantu.
UDaubermann ucele iJaji u-Irma Schoeman ukuthi liwahoxise wonke amacala abekwe abasolwa, ethi leli cala alihambisani noMthethosisekelo futhi alinabulungiswa.
NgoLwesine utshele inkantolo ukuthi abashushisi bombuso bangaphambilini uNceba Ntelwa no-Ishmet Cerfontein, bayalela ofakazi ukuthi basenge ezimithiyo yize befungile phambi kwenkantolo.
Uthe ukuze kuqinisekiswe ukuqulwa kwecala ngendlela efanele, umbuso bekumele ubize uNtelwa noCerfontein ukuthi bazofakaza.
“Asikho isizathu sokuthi kungani izincwadi ezifungelwe zingenziwanga nguCerfontein kanye nalowo owayengumshushisi wombuso u-Adv Nceba Ntelwa wombuso. Laba ababili bekumele babizwe bazofakaza enkantolo,” kusho uDaubermann.
Kodwa-ke, umbuso uthe ummeli ka-Omotoso bekumele afake isicelo ekuqaleni kokuqulwa kwecala.
Umshushisi omkhulu wombuso uChris Mouton uthe isicelo esisha sommangalelwa sincike ekuqageleni ngakho inkantolo akumele isithathele phezulu.
UDaubermann uthe kunobufakazi bokuthi ufakazi oyedwa wayalelwa ukuthi asenge ezimithiyo ebhokisini lofakazi kanti abashushisi baletha izincwadi ezifungelwe ezingelona iqiniso.
“Ukuncishiswa kobufakazi ngabashushisi kwenza leli cala lingabi nobulungiswa kubasolwa. Umbuso ubukeka ubukela phansi ukungaziphathi kahle kwabashushisi futhi lokho akulungile,” usho kanje.
Icala lihlehliselwe umhlaka-21 kuNcwaba.
Esithombeni ngenhla: UMfundisi Timothy Omotoso osolwa ngokudlwengula nasolwa nabo uZukiswa Sitho noLusanda Sulani eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngoLwesine.
Umthombo: Anita Dangazele