Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Amaphoyisa uConstable Nala Bonginkosi nozakwabo uPaile Davies bavele eNkantolo yamacala athinta inkohlakalo e-Palm Ridge ngezinsolo zokuntshontsha udizili.
Kuthiwa laba bobabili bantshontshe amalitha kadizili angaphezu kuka 2 000 esiteshini samaphoyisa.
Amaphoyisa amise iveni adonsa inqola enamathangi ayayinodizili onamalitha angu-2,750 emgwaqeni u-R59 e-Albertin ngomhlaka-25 kuNhlaba. Umshayeli bamcela ukuba abanikeze ubufakazi bokuthi uwuthengeile udizili nemvumo yokuwuthwala.
Ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuveza imvume amaphoyisa adonsa imoto yakhe ayiyisa esiteshini. Umnikazi waboshwa wadedelwa ngomhlaka-27 kuNhlaba.
Icala labhaliswa esiteshini esifanayo kwalandela uphenyo olunzulu loKlebe nokwaholela ekutheni amaphoyisa aboshwe aze avela eNkantolo ngamacala okuntshontsha nenkohlakalo.
Lo phethiloli ubungabiza imali engu-R284,000.
Icala lihlehliselwe umhlaka-16 kuLwezi ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Isithombe esingenhla ngesamaphoyisa amabili okusolakala ukuthi antshontshe udizili
Umthombo wesithombe: The Road Traffic Management Corporation