Author: TT2

Izakhamizi zifuna amasosha ukuqeda ukubulawa kwabantu eKapa 

"Siyawadinga noma sizoqhubeka nokubona izigameko zokudutshulwa kwabantu abaningi njengalesi futhi iqiniso ukuthi izigebengu aziwesabi amaphoyisa akwaSAPS."

Kusolwa ubudedengu kuminza abafundi baseDaveyton

Imindeni yabafundi ababili abaminzile ufuna labo abathintekayo ekushoneni kwabo babhekane nobulungiswa.

USalapu usayingxenye yeqembu lesizwe

UNicky Salapu wayesebhokisini njengonozinti we-American Samoa ngesikhathi i-Australia ifaka amagoli angu-31 adlula phambi kwakhe - kodwa usebuyile efomini futhi useseqenjini eminyakeni engu-23.

Ibhasi iphelelwe udizili kwadingeka abagibeli baqongelele o-R50 ukuqhubeka nohambo

“Ibhasi lime maphakathi nomgwaqo eGraaff-Reinet, umshayeli wathinta abaphathi bakhe abathembisa ukumthumelela imali kadizili, kodwa abazange bayithumele leyo mali.”

UMokwena ukhombisa ulaka lwakhe ngokungenzi kahle kweSundowns

Iqembu elibheke kowandulela owamanqamu weCAF Champions League ngoMgqibelo alidlali ngendlela elindelekile.

Kuqhantshe insimbi yabulala owesifazane obehamba eduze nendawo eqoqa izinsimbi (scrapyard)

“Bengiya enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi ngizwa ukuqhuma okukhulu. Ngabheka emuva ngabona abantu begijima besuka e-scrapyard.

Kungase kube nengwadla yokuntuleka kwamanzi eGoli emnyakeni embalwa

Izakhamuzi zaseGoli zibhekene nenkinga yamanzi njengoba iJoburg Water ivuma ukuthi ayinayo imali yokuvuselela ingqalasizinda edingeka kakhulu.

Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: I-ANC ne-IFP bafuna ukugudluza uMavundla we-ABC

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.

Umdansi uWandi Ndlovu uselandele imali engcono eNigeria

Odayisa ngomzimba nongusaziwayo uWandi Ndlovu usethuthele eNigeria ukuze asebenze njengomdansi endaweni yokucima ukoma yasebusuku.

ISafa yakhokha u-R1.3-million ngenhloso yokukhuphula isithunzi sikaJordaan

Inkampani ye-PR yakhokhelwa imali engaphezu kwesigidi samarandi ukuthuthukisa isithunzi seSafa kanye nesikaDanny Jordaan.

Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: Lonke ukhetho lokuchibiyela lungase luhlehliswe

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya

I-IEC seyiqinisekisile ukuthi ubuso bukaZuma buzoba emaphepheni okuvota

Iqembu uMkhonto Wesizwe (MK) selishintshile lachibiyela ubuholi balo ukuze liveze uMengameli Jacob Zuma njengomholi walo.

Recent articles

spot_img