Author: N5

INamibia iqede imithetho emelene nomphakathi we-LGBTQ

INkantolo Ephakeme yase-Namibia isanda kuhoxisa imithetho emibili yenkathi yamakoloni eyayigunyaza ukuthi izenzo zobulili obufanayo zibe yicala, okuyinto ethakaselwe kakhulu emphakathini we-LGBTQ.

Amaphoyisa ashaqe obunye utshwala obungekho emthethweni eKapa

Esinye isakhamuzi sisola lobu tshwala obungekho emthethweni ngebhabhalazi laso elidonse isonto lonke.

Owesifazane ufuna ubulungiswa ngemuva kokushayiswa yiveni yamaphoyisa

Uthi owe-Independent Police Investigative Directorate wamtshela ukuthi engamsiza kuphela uma eshonile.

Sekuseduze amaTaliban akhishwe KwaZulu-Natal  

Umakadebona kaKhongolose uMnuz Mike Mabuyakhulu obejutshwe ukuyoqondisa izinto eThekwini nokugcine ngokuthi kuxoshwe iMeya uMxolisi Kaunda usebizelwe ukuyobamba isigungu sesikhashana sesifundazwe njengoba sekusemome ukuhlakazwa kobuholi bukaMnuz Bheki Mtolo noMnuz Siboniso Duma.

Umsindo ngodlwengule umfundi e-DUT 

Bawotha ubomvu abafundi base-Durban University of Technology eThekwini ngomsebenzi okuthiwa udlwengule umfundi abemthume ugwayi ngoLwesithathu ntambama.

Umqeqeshi omusha we-Chiefs waziwa ngokungahlali emsebenzini wakhe

UNasreddine Nabi ubejwayele ukuba ngumqeqeshi wesizini eyodwa emaqenjini amaningi abewaphethe.

Ezase-KZN ezifingqiwe: Ugwetshwe iminyaka engu-25 ejele obandakanyeka ekubulaweni kwephoyisa

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili esifundazweni

AmaBhokobhoko kumele ahlale ezithobile – Erasmus 

AmaBhokobhoko azoyihlula i-Wales - inqobo nje uma ehlala ethobekile.

I-ANC iyakuphika ‘ukukhala kwesicathulo se-DA’ kwi-GNU 

I-ANC isikubeke kwacaca ukuthi akukhali isicathulo sikaNkk Helen Zille kuHulumeni woBumbano ukaZwelonke (GNU) futhi namanye amaqembu ezepolitiki asamukelekile ukujoyina.

I-GNU ibukeka izobhekana nezinkinga zisuka nje

I-PA ne-Good abeneme ngeqhaza likaHelen Zille ku-GNU.

Kukhalwa ngesikhulu sikamasipala esantshontsha amatayitela ezamakhamizi

Abaningi abahola impesheni bakhathazekile ngokuthi bangase balahlekelwe yizindlu zabo ngemuva kokuba isikhulu sikamasipala wase-Ekurhuleni sithathe amatayitela abo, sithi adinga ukuvuselelwa.

UMalema uchaza ‘ngokuntuleka kobufakazi’ be-AfriForum ecaleni lesibhamu

Umholi we-EFF uthi icala abhekene nalo lingesinye isibonelo sokuthi i-AfriForum isebenzisa noma yiliphi ithuba ukudicilela phansi ubuholi beqembu.

Recent articles

spot_img