Author: N5

ICosatu neSACP abayifuni i-DA kuhulumeni wobumbano ne-ANC

I-Cosatu nayo ayiliboni iqembu le-MK njengozakwabo ofanele ukuba ingxenye ye-GNU.

I-MK ifuna uphenyo ngokubulawa kwelungu layo eThekwini 

Ilungu le-MK lidutshulwe ngemuva kokushiya izingane zalo esikoleni.

Umasipala wesifunda saseZululand empini yamandla esifundazweni 

Ikhabhinethi ephumayo ye-ANC eKZN ifuna ukubeka i-CoGTA ukuba ithathe izintambo iphathe umasipala wesifunda.

EzaseKZN: Umsolwa kwelokubulala eThekwini uzohlolwa ingqondo

USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze ezivela KwaZulu-Natal.

Engikufunayo nje uMnyango wezaseKhaya: McKenzie

Kuleyo phothifoliyo, i-PA ingaqhubeka nomkhankaso wayo wokuqeda abantu abaphuma emazweni angaphandle abangekho emthethweni kuleli.

Ubuhlungu kumama kushona indodakazi ngenxa yezikhukhula

U-Alutha Brown nguye obemncane kunabo bonke abadlule nezikhukhula ezihlasele iNelson Mandela Bay

Iziphathimandla zase-Eastern Cape zibala izindleko ngemuva kwezikhukhula ezidale umonakalo

UNdunankulu uthe sekuyisikhathi sokwamukela ukuthi izikhukhula seziyinsakavukela umchilo wesidwaba esifundazweni ngakho kumele kujwayelwe ukuthi kube nezinhlelo ezifanele.

Icala likaMapisa-Nqakula lihlehlisiwe

Lowo owayenguSomlomo wePhalamende ongaphandle ngebheyili ubhekene namacala enkohlakalo nokushushumbisa imali.

UDravid uyashiya esikhundleni sokuba ngumqeqeshi wase-India

Umqeqeshi uthe iqembu lenze kahle kakhulu yize lingawinanga lutho kodwa ngeke asifake isicelo sakhe sokubuya.

Ngaphakathi ezingxoxweni zomfelandawonye we-ANC

Ukwehlukana phakathi kwe-ANC namalungu ombimbi i-Cosatu, i-SACP ne-Sanco kubonakala ngokusobala njengoba iqembu kanye nozakwabo bedingida imifelandawonye.

Kwehle kakhulu ukwesekwa kwamaqembu ahlubuke ku-ANC

Ngaphandle kweqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe (MK), ukwesekwa kwamaqembu ahlubuke kwi-ANC kwehle ngendlela emangalisayo kule minyaka edlule.

Izakhamizi zaseNMB zikhombisane uthando izikhukhula zidala umonakalo

Izakhamizi zaseNelson Mandela Bay ziphume ngobuningi bazo ukuzosiza izinkulungwane zabantu abakhahlanyezwe yimvula enamandla nezikhukhula ngempelasonto.

Recent articles

spot_img