Author: N5

Kubhubhe ababili komunye futhi umlilo oqubuke eGoli

Kushone abantu ababili komunye umlilo oqubuke ebhilidini lokuhlala enkabeni yeGoli.

IStomers iguqise iStade Francais

Kuthathe amahora amabili kanompempe obephethe amakhadi ukucekela phansi obekufanele kube umdlalo omuhle wamaStormers.

Sishubile isimo kwabakuleli nabaphuma emazweni angaphandle ngolwezitolo emalokishini 

Njengoba amalokishi ahlukene e-Gauteng efuna zivalwe izitolo zabaphuma emazweni angaphandle, abanye babanikazi bazo sebethole indawo yokukhosela e-Dunnottar, Ekurhuleni.

Zifunwa uthuli izigebengu ezibulale abantu eDiepsloot

Amaphoyisa aseGoli athungatha iqembu lezigebengu ezisolwa ngochungechunge lwezigameko zokubulawa kwabantu e-Diepsloot ezenzeke ngoMgqibelo ebusuku.

Kuthulwe ezobuchwepheshe ezizoxazulula eyokuthuthwa kwabafundi e-EC

UMnyango Wezokuthutha e-Eastern Cape wethula uhlelo Lokuphathwa Kwezokuthutha Kwabafundi.

Kutuswa uRamaphosa ngokulwela ukuthula eGaza

Indlela ebheke ku-2024: Sibukeka sishintsha isimo ngoMengameli uCyril Ramaphosa oseke wagxekwa kakhulu kule minyaka emihlanu edlule, kubhala uZukile Majova.

Izimisele ngokugxila emsebenzini wesizwe Inkosi entsha yakwaButhelezi

Indodana kaMntwana wakwaPhindangene esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi ithi ayiyicabangi ipolitiki ngoba yayihlukumeza kakhulu isafunda Ongoye ngakho, izogxila ekuthuthukiseni isizwe sakwaButhelezi.

Umphakathi ubhekane nomholi weqembu lezigelekeqe 

Izakhamizi zaseSiqalo zidonse ngendlebe umholi weqembu lezigelekeqe ukuthi ayeke ukuzama ukunxenxa abafana bendawo ukuba bajoyine iqembu lakhe.

Lihlehlisiwe elabasolwa ngokubulala izakhamizi zaseSoshanguve

Izisulu ezine zabulawa ezintatha ngosuku lukaNcibijane esigamekweni okusolakala ukuthi sihlobene nezidakamizwa.

Kucishe konakala indiza enabadlali iphelelwe umoya endleleni eya kwi-Afcon

Indiza kudingeke ukuthi ibuyele e-Gambia maphakathi nohambo ngemuva kokugula kwabadlali.

Kutuswe amagalelo kasomatekisi olethe uzinzo embonini

Usomatekisi obecebile nobengusomabhizinisi embonini yezokwakha uJothan Msibi ukhunjulwe ngokuletha uzinzo ematekisini.

Iyaqala eye-Afcon kusasa

I-Africa Cup of Nations ka-2023 izovula ngomdlalo wokuqala phakathi kwe-Ivory Coast ne-Guinea-Bissau ngoMgqibelo.

Recent articles

spot_img