Author: N5

Isilomo sikamaskandi sikhala ngezikhulu ezifuna ukulala nabaculi ukuze zibaxhase

Umculi kamaskandi uMthandeni Manqele owaziwa ngokuthi iGcokama elisha useveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi kunezikhulu zomasipala ezifuna ukulala nabaculi ngaphambi kokuba zibakhokhele noma zixhase imicimbi yabo.

Elezombusazwe livimba abangena kuleli ngokungemthetho 

I-Patriotic Alliance ilawula imingcele ngokungekho emthethweni ijaha abantu base-Zimbabwe abazama ukuwela umfula i-Limpopo.

Kukhonya abePSL yaseMzansi kwi-Afcon

Baningi abadlali abavela kulo mqhudelwano kunanoma iyiphi iligi ngaphandle kwe-French Ligue 1.

UNdunankulu ugolozele uDuma enkonzweni kaMbongeni Ngema

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa MaDube Ncube ugolozele uSihlalo kaKhongolose obemcela ukuba acushiswe ohlelweni lwezikhulumi enkonzweni yesikhumbuzo sengqalabutho kwezemidlalo yeshashalszi uMbongeni Ngema.

Izakhamizi zifunga ziyagomela ukulwa nobugebengu

Njengoba abasolwa bevele okokuqala enkantolo, abazilele izisulu ezintathu ezibulawe empini yamaqembu ezigelekeqe bafunge bagomela ukuthi bazobuqeda nya ubugebengu endaweni yabo.

Ushayiswe imoto yabaleka umfana (6) obezenza umfundisi

U-Aunamda ubezidlalela nabangani bakhe ezenza umfundisi ngesikhathi umshayeli ephuma emgwaqeni emushayisa.

Ingqalabutho yomculi isashisa izikhotha namanje

Usabhala izingoma ze-zumbo ngesikhathi izingoma zakhe ezidumile zenziwa kabusha ngabanye abaculi bamapiano.

I-India ibhuquzise  iNingizimu Afrika kowekhilikithi

Umdlalo we-test oshesha kakhulu emhlabeni uphothulwe eKapa lapho i-India ihlule khona iNingizimu Afrika.

Bashaya amakhala ngokudlaliswa kukaMpisane

Umdlali weRoyal AM uthi umqeqeshi ubephoqelekile ukuthi aqoke u-Andile Mpisane ongazange azilolonge kanzima ngaphambi kwesizini.

ISilo sabaThembu sifuna kuthathwe imihlomulo yaso ifakwe kumfundaze wesizwe

Isilo sabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo sifuna ukuthi imihlomulo yaso yezigidi ezintathu ezithola kuHulumeni wase-Eastern Cape njalo ngonyaka ifakwe esikhwameni sokusiza intsha yesizwe ukuba iqhube izifundo zayo ngoba sithi le mali sigcina singayisebenzisanga.

Unikwe imibandela eqinile kashwele uPistorius

Uma ededelwa ngoshwele ngoLwesihlanu u-Oscar Pistorius othanda ubumnandi uzovinjelwa ukuphuza utshwala kuze kube u-2029.

Lubhubhisile ulaka lwezimvula eKZN

Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibhekene nolaka lwezimvula esezibhubhise abantu abangu-31 kwathi imizi ebalelwa ku-600 yacekeleka phansi.

Recent articles

spot_img