Author: Scrolla Africa

Usengcupheni yokuphelelwa umsebenzi onenkinga kamazisi

Sekuphele izinyanga uVhela Sibuyi wase-Rolle Village e-Bushbuckridge, e-Mpumalanga engakwazi ukuvula i-akhawunti yasebhange futhi akekho owayezimisele ukumtshela ukuthi kungani.

Ingebhe owesifazane ehlaselwa ama-pit bull

Owesifazane (29) waseDuduza Ekurhuleni usinde ngokulambisa ngesikhathi ehlaselwa ama-pit bull amabili, kodwa uthi izingalo zakhe azisasebenzi kahle.

UKelly Khumalo kusolwa ngathi uzithwele

Ezithombeni zakamuva ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zikhombisa ukuthi umculi we-Afro soul uKelly Khumalo  kungenzeka ukuthi ukhulelww ingane yakhe yesithathu. 

Umphakathi usuzovunyelwa ukuya elibeni likaMandela

Uma umhlaba wonke ukhumbula usuku lokudlula emhlabeni kukaNelson Mandela ngonyaka ozayo indawo yethuna lakhe elise-Qunu izovulelwa umphakathi.

Selikhombise ukumeseka umdlalo walo iqembu lase-Zim oboshelwe izidakamizwa

Iqembu lase-Zimbabwe elikwi-Premier Soccer League, i-Harare City FC selikhombise ukweseka umdlali walo uJerry Chipangura kulandela ukuboshwa kwakhe ephethe izidakamizwa.

Usekhonjwe indlela umqeqeshi we-England

Okumangazayo ngokuxoshwa kuka-Eddie Jones ukuthi kwenzeke ngoLwesibili hhayi ngoMsombuluko.

Uzame ukuzibulala owesifazane okubulawe i-pit bull yakhe

Owesifazane wase-Bloemfontein ulwela impilo yakhe egumbini labagula kakhulu ngemuva kokuzama ukuzibulala ngesikhathi ezwa ukuthi inhlangano evikela izilwane (SPCA) ibulale inja yakhe ye-pit bull uChloe.

Umqeqeshi weChiefs nesinqumo esinzima sokusayinisa abadlali abasha

Ngemuva kokusayinisa abadlali abayisishiyagalolunye ngaphambi kokuthi kuqale isizini ka-2022/23 umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubhekene nomunye umsebenzi omkhulu wokulungisa isikwati sakhe kusukela ngoMasingana kuya kuNhlangulana ngonyaka ozayo.

Uhleli ngesinqa esisodwa umqeqeshi welombhoxo laseNgilandi

Ngesikhathi uLucky ezibuza ngeledlule ukuthi ngabe u-Eddie Jones uzolulama yini ngemuva kokuhlulwa ngamaBhokobhoko, ubezicabangela nje. NgoMsombuluko ekuseni abezindaba bamazwe ngamazwe bambize njengosephelelwe indawo kwelombhoxo.

Umsubathi uzimisele ngokugijima emjahweni we-Steeplechase

U-Ashley Smith ugijime ngendlela emangalisayo kulo nyaka. 

Utholakale emzini kayise umdlali welombhoxo obenyamalele

Impicabadala yokuthi ukuphi umdlali webhola lombhoxo wamaBulls uSbu Nkosi isixazululekile.

Ichilo amasela egqekeza ibandla

Amasela antshontshe imishini yomculo esontweni elibizwa nge-Ignite e-Gonubie, e-East London ashiya amalungu ebandla engakwazi ukulalela izinsimbi ezihambisana nomculo ezibasizayo uma bese sontweni. 

Recent articles

spot_img