Author: Scrolla Africa

Umgilwa owasatshiswa ngokukhonjwa ngommese wasindiswa abazali bakhe, abasabela ngesikhathi ecela usizo.
Lo mculi nomethuli wezinhlelo kumabonakude umemezela ukuthi ukhulelwe ingane yakhe yokuqala.

Owesilisa udlise izingane zakhe ushevu

NgoLwesihlanu ekuseni, uNaledi Mfolo ubengumama oziqhenyayo wezingane  ezintathu.  Ngeshwa ngempelasonto uyise wezingane zakhe uzidlise ushevu zonke ngaphambi kokuba naye azame ukuzibulala.

Zisale dengwane iziguli ngenxa yesiteleka seNehawu 

Kuxoshwe inqwaba yeziguli emtholampilo wase-Lusikisiki Village ngoMsombuluko ngenxa yesiteleka ebesiqala kanti njengamanje iziguli zisebumnyameni njengoba zingazi ukuthi izinto zizobuyela nini kwesijwayelekile.

Ukungagomeli i-Covid-19 kufake owelomphebezo enkingeni 

UNovak Djokovic ngeke abambe iqhaza kwi-Indian Wells BNP Paribas Open kule mpelasonto ngemuva kokuvinjelwa ukungena eMelika ngenxa yokungagomeli  i-Covid-19.

USalah wephule irekhodi lokushaya amagoli kwi-Liverpool

UMohamed Salah ube umshayimagoli ovelele we-Liverpool kwi-Premier League ngesikhathi eshaya igoli lakhe lika-129 bebhekene ne-Manchester United ngeSonto.

Amaphoyisa ashiye umsebenzi wawo ezigodlweni zobukhosi bakaZulu

Abakwa-SAPS bahoxise uphiko lwezokuvikela eNdlunkulu kaZulu kuzo zonke izigodlo eziyisikhombisa zeSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu.

Amaqembu aphikisayo ayayenqaba imiphumela yokhetho

Amanxusa amaqembu amakhulu aphikisayo e-Nigeria anqabe imiphumela yokhetho lobuMengameli emenyezelwe.

Kuboshwe amaphoyisa amathathu ngokuntshontsha amaphepha okuvota

Amaphoyisa ase-Rivers State eningizimu ye-Nigeria athe abophe ozakwabo abathathu ngezinsolo zokwenza inkohlakalo okhethweni.

Seliphinde lashona emini  eNdlunkulu kaZulu

Isemanzini  iNdlunkuku kaZulu  ngemuva kokudlula emhlabeni kukanina omncane weSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama,uMntwana u-Alice kaSolomon kaDinuzulu.

Kuzovalwa ngehlahla ngogqamcishi wesigaba sesishiyagalombili 

Iqiniso elibuhlungu lenkinga yokucishwa kukagesi kuleli izoba iphupho elibi kuleli sonto njengoba izakhamizi kanye namabhizinisi ezohlala amahora ayisishiyagalombili kuya kwangu-12 ngosuku engenagesi.

OwoKhozi FM udlelwe imoto esemoyeni

Umsakazi woKhozi FM uDJ Khathide "Tshatha" Ngobe usale ephoxekile ngesikhathi ephucwa imoto yakhe esezingeni eliphezulu esemoyeni.

Uthembisa ukubhekelela izinkinga zikagesi uNdunankulu wase-Gauteng 

Njengengxenye yezithembiso zakhe, uNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi useveze amasu akhe amakhulu okulwa nokucinywa kukagesi esifundazweni.

Izimvula ezinamandla zidale umonakalo eLimpopo

Bayisithupha abantu asebeshonile ngenxa yemvula enamandla ehlasele indawo yase-Mopani e-Limpopo emasontweni adlule.

Recent articles

spot_img