Author: Scrolla Africa

Ukuqagela ngekusasa likaMagashule kwezombusazwe

OwayenguNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule akanalo iqembu angaphansi kwalo futhi ukulungele ukungena noma ikuphi.

Kuboshwe ohola imibhikisho eDiepsloot

Uboshiwe uLefa Nkala ongumholi wenhlangano yamalungu omphakathi alwa nobugebengu e-Diepsloot.

Umisiwe umehluleli welikaMeyiwa ngenxa yamabatha

Ijaji ebeliphethe icala likaSenzo Meyiwa, uTshifhiwa Maumela nozakwabo uNomonde Mngqibisa-Thusi bamisiwe ngokwehluleka ukwethula izinqumo eziningi abebezigodlile ngesikhathi esifanele.

Isimanga umprofethi ebiza uR3 million ngokuhlola 

UDkt Tebogo Makena odume ngelika-"Oracle Under The Sun" ungundabamlonyeni ngezindleko zakhe zika-R3 million zokuhlola.

Isasasa ngomjovo okhulisa induku

Usematheni umjovo we-filler shorts osiza ukukhulisa induku.

IPirates isezithendeni zeDowns: Khanye

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye akaqinisekile ngamakhono omqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro kodwa unikeza Ezimnyama ithuba lokuphonsela inselelo iMamelodi Sundowns.

USerame eqenjini labazomela elakuleli eChina

USerame Gumede usekufakazele eminyakeni edlule ukuthi imvelaphi yomuntu ayisho ikusasa lakhe.

Usinde ngokulambisa umculi ekhandwa ngamatshe 

Umculi we-hip-hop osafufusa waseKapa uLuvo "Jiji" Martin uhlaselwe ngesihluku abantu abangaziwa abamkhande ngamatshe nokuyinto eholele ekutheni aphume amazinyo amane.

Izisulu zesishingishane sakamuva eKZN zikhoseliswe emahholo

Abantu abangu-150 abalahlekelwa izindlu zabo bajoyine izinkulungwane zabantu abalahlekelwa amakhaya abo ngesikhathi sezikhukhula zangoMbasa nyakenye nokuyinto egqamisa ukwehluleka kukahulumeni waKwaZulu-Natal ukwakhela abantu izindlu.

Lithi belizivikela iphoyisa elingqokloze uzakwabo 

Iphoyisa lombutho we-SAPS okusolwa ukuthi lidubule labulala iphoyisa lomnyango likamasipala waseGoli (JMPD) lithe ayikho enye into ebelingayenza ngaphandle kokudubula.

Kunconywa umsamariya oqapha ibhuloho Kwanobuhle

Zonke izinsuku eminyakeni emine edlule umfundisi onesibindi ubehlezi eqaphe ibhuloho Kwanobuhle e-Kariega ukuze avikele izingane zesikole zendawo ekubanjweni izigebengu.

Belingezwa mshini ngenkohlakalo ikhansela elisocongwe lishumayela

Ubhekene nemibuzo engaphenduleki umndeni wekhansela le-ACDP kuMasipala waseMhlathuze e-Richards Bay ngemuva kokubulawa kwalo ngesihluku ngesikhathi lishumayela ebandleni lalo.

Recent articles

spot_img