Author: Scrolla Africa

Okungavumelekile koweNdebe Yomhlaba Yabesifazane

Abalandeli abazohambela iNdebe Yomhlaba Yabesifazane bathole imiyalelo eqinile evela ku-Fifa mayelana nezinto ezivinjelwe kanye nokuziphatha.

Ziyadamba izibhelu zase-France

Ziyadamba izibhelu eFrance ezihlasele leliyazwe izinsuku ezinhlanu ngemuva kokudutshulwa kwebhungu ngesikhathi kunezivimbamgwaqo zamaphoyisa.

Ongakwazi ukuhamba ucela usizo lokuthola indawo engcono yokuhlala

ULindiwe Dyalivani (54) osehlale embhedeni wakhe iminyaka eyela kwemine uhlezi enovalo lokuthi umlilo uzoshisa umjondolo wakhe.

Bekushubile emjahweni wezimoto

UMax Verstappen uphinde wawina okwesihlanu kulandelana ku-Austrian GP, ​​evula igebe ngokuhamba phambili ngamaphuzu emjahweni wesicoco se-F1 2023 wafinyelela kumaphuzu angu-81.

Uthole ibheyili omunye wabasolwa kwelikaBester

INkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein isinikeze ibheyili ka-R10 000 komunye wabasolwa ecaleni likaBester obesebenzela i-G4S oboshwe ngeledlule.

UJabeur nethemba lokuwina koweWimbledon

Kubantu base-Afrika abazoqhudelana kowe-Wimbledon wakulo nyaka kukhona u-Ons Jabeur ozimisele ngokuqhubekela phambili ngemuva kokuba ngowesifazane wokuqala kuleli zwekazi ukufinyelela kowamanqamu nyakenye.

Kubhubhe abangu-15 kwenyantisa igazi

Kushone abangu-15 engozini enyantisa igazi eyenzeke ngesikhathi iloli lishayisana netekisi ebigcwele phama ku-N9 ngase-Middleburg ngeSonto ebusuku.

Ingebhe ngokudunguzela kweSilo uMisuZulu

Sekuqubuke uvalo ngemibiko yokudunguzela kweSilo uMisizulu kaZwelithini okubikwa ukuthi uyelashwa esibhedlela eSwatini.

Isiphithiphithi iBanyana iduba umdlalo

Kube  nesiphithiphithi ekhempini yeBanyana Banyana ngeSonto ngesikhathi iqembu elibheke kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa yango-2023 liduba umdlalo wobungani wamazwe ngamazwe neBotswana.

Uvukayibambe nomsebenzi wokunxenxa amavoti wabasebasha

Ubuholi obusha obusanda kukhethwa bophiko lwentsha lwe-ANC bubhekene nomsebenzi onzima emzamweni wabo wokwenza i-ANC ukuthi ihehe abavoti abasebasha.

Izibhelu zodlame nokutapa eZwelihle

Abaphuma emazweni angaphandle abahlala eZwelihle ngase-Hermanus, e-western Cape baphila ngokwesaba ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane encane kupulasitiki.

Izibhelu zaseFrance sezikapakele emazweni angomakhelwane

Izibhelu ezimbi kakhulu ezike zahlasela i-France ezaqala eminyakeni engamashumi edlule sezikapakele emazweni angomakhelwane i-Switzerland ne-Belgium kule mpelasonto.

Recent articles

spot_img