Author: Scrolla Africa

Ngelinye ilanga kumele sikhulume ngama-VW 

Impilo iza nezinkinga eziningi futhi uma umuntu ezithola esesimweni angasilindele angenza noma yini eshaqisayo.

 Baboshiwe abamataniswa namacala okuthumba e-Gauteng 

Kuboshwe amalungu ayisithupha eqembu ebelisolwa ngokuthumba kwaphinde kwahlengwa nosomabhizinisi wase-Ethiopia ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso we-SAPS ngoLwesine.

Ukufeyila umatikuletsheni akusho ukuphela komhlaba 

Owesilisa wakuleli usemkhankasweni wokusindisa izimpilo zabantu abasebasha.

Awuzange umakwe umbuzo kamatikuletsheni obuyiphutha 

Umbuzo esivivinyweni sokugcina sanyakenye sikamatikuletsheni owawunephutha kangangokuthi nongoti bezibalo abakwazanga ukuwuphendula, ukhishiwe ezinhlelweni zokumakwa.

Abazali bakhala ngokukhokhiswa intshontsho esikoleni esiseKhayelitsha 

Abazali basola isikole samabanga aphansi Inkanini, eKhayelitsha ngokubaphoqa ukuthi bakhokhe intshontsho lika-R100 ukuze izingane zabo zikwazi ukuthola isikhala esikoleni.

Owayengusokhemisi nebhizinisi lama-hotdog  

I-Hotdog Shack ingelinye lezindawo ezidayisa ukudla okusheshayo e-Tsakane e-East Rand futhi akumangazi ukuthi isanda kuwina indondo ye-Best Kasi Restaurant ku-Cradle Farm Food Festival e-Krugersdorp.

Bakhala ngabafundi abafundela ngaphansi kwesihlahla 

Abafundi besikole samabanga aphansi iMdinwa eHluhluwe, enyakatho yeKwaZulu-Natal baphoqeleke ukuthi bafundele ngaphansi kwesihlahla ngoba ibhilidi lesikole eseligugile aliphephile ukuthi lingasetshenziswa.

 Inhlanzi ishelwe amanzi abe-City Power bengena umnyango nomnyango

Izakhamizi zase-Alexandra kufanele zilindele izivakashi ezingajabulisi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba i-City Power yaseGoli isixwayise ngokuthi izongena umuzi nomuzi ukuze inqamule ugesi kulabo abakweleta le nkampani.

 Ucwaningo nesiphakamiso sokungasebenzi ngoLwesihlanu

Ukusebenza izinsuku ezine ngesonto kubonakale kuphumelela kakhulu kunokusebenza izinsuku ezinhlanu, ngokusho kososayensi abenza ucwaningo lwezinyanga eziyisithupha olwaqala ngoNhlolanja nyakenye. Abacwaningi benze lokhu njengengxenye yomkhankaso wokufinyeza isonto lokusebenza bakubiza ngomnyakazo wokusebenza izinsuku ezine ngesonto.

UMessi nephupho lokusiza abantu abangaboni kahle emehlweni 

ULionel Messi ugcine elifezile iphupho lakhe leminyaka yonke lokuphakamisa iNdebe yoMhlaba ye-Fifa futhi lokho akuzange kumvimbe ekubeni ngumpetha ngaphandle kwenkundla.

Ilungu elincane leMahotella Queens selicula lodwa 

U-Ayanda "Ntunja" Nkosi usephumile eqenjini lomculo elidumile iMahotella Queens ukuze aqhubeke nokukhipha izingoma yedwa kodwa uthi usaseyilungu leqembu elasungulwa ngo-1964 nakuba selisele ngelungu elilodwa kuphela uHilda Tloubatla.

UMasipala waseNMBM uxwayisa izakhamuzi ngokonga amanzi 

UMasipala waseNelson Mandela Bay (i-NMBM) okhungethwe isomiso usuqinisekise ukuthi amaphrojekthi ayisishiyagalolunye okunwetshwa kwamanzi azophothulwa ekupheleni kukaNdasa nyakenye ukuze kunqandwe le nkinga yamanzi.

Recent articles

spot_img