Athwele kanzima amalungu e-CCC

Kamogelo Olaitan

Izimoto ezisolwa ngokuthwala amalunga eqembu eliphikisayo e-Zimbabwe kubikwa ukuthi zihlaselwe ngemuva kokuvinjwa okungekho emthethweni e-Wedza nase-Seke esifundeni sase-Mashonaland East.

Kusolwa ukuthi amalungu enhlangano ebusayo i-ZANU PF afike ehamba ngamaloli amathathu avala umgwaqo azama ukuvimba umhloli we-Citizen Coalition Change (i-CCC) uMnu Nelson Chamisa ukuthi angene esifundeni.

UChamisa ubezoba nomhlangano nabaholi  ngoLwesithathu.

Umholi wenhlangano ephikisayo ungene ku-Twitter wasola intsha ye-ZANU PF ngokuthi iyona ebangela lokhu kuhlasela. “Bebehlome ngezikhali eziyingozi, izimbazo, imikhonto,” kubhala uChamisa ku-Twitter.

Kwenye ividiyo i-Mercedes Benz yelungu le-CCC uGeorge Makwangwaidze ijikijelwe ngamatshe, yaphuka amalambu namafasitela. Ngemuva kwalokho kwathelwa umhlabathi kwinjini. 

Kubikwa ukuthi bantshontshe i-battery yemoto base bethatha okhiye baMakwangwaidze njengoba bebefunga begomela ukuthi bazovimba noma ngubani owe-CCC ukuthi angangeni esifundeni sabo. 

Umuzi womholi we-CCC uhlaselwe kwacekelwa phansi nempahla kanti amanye amalungu amabili e-CCC u-Allan Kunaka noBrighton Chipunga kubikwa ukuthi balimale ngesikhathi kuvinjwa umgwaqo.

“Ithimba lethu lezokuphepha liye esiteshini samaphoyisa ukuyobika ngokusemthethweni libacela ukuthi babophe labantu abavimba izimoto ngokungekho emthethweni,” kusho uChamisa ngoLwesithathu ntambama.

Amaphoyisa abengakayiqinisekisi imibiko kanye nanoma iliphi icala ngoLwesithathu ebusuku.

Izihloko zakamuva