Asiyifuni i-IEC lapha futhi ngeke sivote: izakhamizi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamuzi zasemijondolo yaseMkhanqwa eKurhuleni zifunge zagomela ukuthi ngeke zivote ngesikhathi sokhetho oluzayo futhi angeke zivumele ukuthi kubhaliselwe ukuvota kule ndawo kuze kube kunakwa izikhalazo zazo zokulethwa kwezidingo.

Bathe izikhulu ze-Independent Electoral Commission (IEC) angeke zivunyelwe ukungena ukuzobhalisa abantu ukuvota kule mpelasonto ngomhlaka-3 nangomhlaka-4 noma ngesikhathi sokhetho lukazwelonke oluzoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

NgoLwesine ebusuku, izakhamuzi ebezikhungathekile zishise imoto yekhansela le-ANC ku-ward 82 uDesmond Buitendacht ngemuva kokuzama ukubancenga emhlanganweni ukuba bavumela i-IEC ukuthi ingene kulendawo ngempelasonto.

UBuitendacht uphume engenamyocu kanti amaphoyisa avule icala lokucekela phansi impahla.

Ekhuluma ne-Scroll.Africa uSifiso Skhosana ozichaze njengoSihlalo womphakathi uthe izakhamuzi sezikhathele ukucelwa ukuthi zivote ekubeni bezilokhu zinganakwa futhi zishaywe ngesithende nguhulumeni.

“Eminyakeni engu-30 sibone amakhansela efika ephuma wonke enza izethembiso angakaze azifeze,” kusho uSkosana.

“Amandla esinawo asevotini kuphela. Sizobafundisa isifundo ngokugodla amavoti ethu njengoba singahlomuli ngezidingo kuleli. Mhlawumbe sebezokubona ukubaluleka kwethu.”

USkosana uthe izakhamuzi zifuna izindlu ezihloniphekile, ugesi, amanzi, ukuthuthwa kwendle nemitholampilo. Futhi uma lokhu kungenzeki bafuna ukuthuthelwa ezindaweni lapho bezokwazi ukufinyelela khona kulezi zinsiza.

“Akekho ozovunyelwa kulo mphakathi ngisho ikhansela lendawo kuze kube sithola impendulo ebambekayo ngezikhalazo zethu esizithumele ngesonto eledlule,” kusho uSkosana.

Uhlu lwezikhalo olutunyelwe kuBuitendacht ngesonto eledlule, luveza izikhalo zezakhamuzi luphinde lufune ukuthi izikhulu, okuhlanganisa neKomidi leMeya lezokuHlaliswa kwaBantu kanye nomdidiyeli wesigceme baphendule ngezikhalazo zabo.

Esinye isakhamuzi saseMkhanqwa, uMnuz Minah Madiba sithe abantu baseMkhanqwa sebekhathele ukuvalelwa ngaphandle ohlelweni lwentuthuko njengoba behlezi bethenjiswa ukuthi bazoyiswa kwezinye izindawo.

“Njalo uma sibuza ikhansela sitshelwa ukuthi umasipala waseKurhuleni awunayo imali, kodwa siyayikhokha intela,” kusho uMadiba.

Ikhansela uBuitendacht ukuqinisekisile ukuthi uyakhuluma nomasipala omkhulu ukuzama ukuxazulula izinselelo ezikhona endaweni.

Isithombe esingenhla: Imoto yekhansela le-ANC uDesmond Buitendacht ishisiwe.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo.

Izihloko zakamuva