Lungani Zungu
Umfowabo kaJacob Zuma uKhanya uthe uMengameli uCyril Ramaphosa akathathe uthando lwakhe alugcine kuye ngemuva kokuba kuvele ukuthi unesandla ekudedelweni kukaMnumzane uJacob Zuma ngoshwele ngoba egula.
“Asinendaba ukuthi unesandla ekukhishweni kukamfowethu noma cha, thina sifuna ukubona umfowethu ebuya ekhaya” kusho uKhaya etshela i-Scrolla.Africa.
“URamaphosa akathathe uthando lwakhe alugcine kuye – asiludingi njengomndeni wakwaZuma.”
UKhanya Zuma uthe umndeni usukulungele ukwenza umcimbi wokugeza uZuma, owaboshwa mhla ziyi-7 kuNtulikazi ngenxa yokuthi akazange aye enkantolo amahlandla amabili ngesikhathi ecelwe ukuba avele phambi kwekhomishini elawula umbuso.
“Sizokwenza umcimbi wokumgeza ukuze sisuse imimoya yobumnyama abengase ayithole ngesikhathi esejele, njengoba lokhu kuhambiselana nezinkolelo zethu” kusho uKhaya.
Unkosikazi wakhe wokuqala uSizakale abambiza ngomaKhumalo, okuyisibongo sakubo, ujabule kakhulu akasakwazi ukulinda ukumbona.
“UMaKhumalo ujabule kakhulu ukuthi sizobona umfowethu uJacob Zuma emagcekeni futhi” kusho uKhaya.
Kodwa uthe umndeni wakwaZuma angeke umxolele uRamaphosa “ngokuphosa uMnumzane Zuma kwizimpisi.”
UZuma wagwetshwa izinyanga eziyi-15 esejele, kodwa ukhishwe ngesonto eledlule ngemuva kokuba ukhomishani kazwelonke wemisebenzi yokuhlunyeleliswa kwezimilo emajele u-Arthur Fraser enikeza igunya lokudedelwa kwakhe.
UKhanya uthe lokhu kuyindlela esebenziswa iqembu le-ANC ukuba bakhiphe uZuma ukuze bathole amavoti abantu ikakhulukazi KwaZulu-Natali njengoba kuza ukhetho mhla zi-1 kuLwezi.
“Bafuna ukusebenzisa ukudedelwa komfowethu ukuze behlise abantu imimoya baphinde bavotele neqembu le-ANC” kusho uKhaya.
Iqembu le-ANC eliKwaZulu-Natali lavuma phambilini ukuba kuzobafakela inselela enkulu kakhulu uma ngabe bekhankasa uZuma esavalelwe ejele.
Leli qembu elibusayo elisesifundazweni esiholwa usihlalo uSihle Zikalala bazoncenga uRamaphosa ukuba anikeze uZuma ushwele lukaMengameli.
Isikhulumi esibambile ehhovisini likaMengameli uTyrone Seale, usazophendula imibuzo yokuthi ngabe uRamaphosa unesandla ekukhishweni kukaMnumzane uJacob Zuma.