Asikukhohlwa okwenzeka ngesikhathi sikaKhisimuzi

Celani Sikhakhane

Isikhathi sikaKhisimusi siyafika siphinde sidlule, kodwa asikukhohlwa okwenzeka ngalesi sikhathi, kungakhathalekile ukuthi yiziphi izehlakalo esihlangabezane nazo phakathi nonyaka.

Esigodini sangakithi eNquthu, KwaZulu-Natali, isikhathi samaholidi sibaluleke kakhulu. Kulapho sithatha khona isikhathi sihlangane nemindeni yethu, abangani kanye nomakhelwane, ezikhathini eziningi nabantu esingakaze sibabone kusukela ngonyaka odlule.

Yizikhathi ezimnandi lapho esichitha khona amahora esitobhini amehlo ethu ethe njo emabhasini afikayo, silindele ukubona abathandiweyo bethu abafikayo abavela emadolobheni amakhulu njengaseGoli naseThekwini.

Imizi eminingi ihlezi isingatha imicimbi ngalesi sikhathi sonyaka ukuze yamukele wonke umuntu, okuhlanganisa nemicimbi yomemulo, imishado yesintu kanye nemibuthano eminingi eyenza sijabule ngesikhathi samaholidi.

Kweminye yale mibuthano uthola ukuthi kuhlatshwe inyama yenkomo. Okunye ukudla kuze kunikwe omakhelwane ukuze babe nokuthile etafuleni isikhathi sonke samaholidi.

Le nyanga ihlale iletha ubumbano endaweni yangakithi futhi kuyasiza ukuthi nalabo abangasebenzi bayizwe injabulo njengalabo abanemali.

Wonke umuntu uba nethuba lokudakwa kusukela kuloMsombuluko kuze kube uMsombuluko olandelayo ngaphandle kokukhokha isenti. Wonke umuntu unenhlanhla yokuya edolobheni ayozijabulisa ngaphandle kokukhathazeka ngemali yokugibela itekisi noma ngophethiloli.

Impilo ingahle ishintshe ngezindlela ezahlukene kodwa ithemba lihlezi likhona njengoba kunabantu abaningi, ikakhulukazi intsha, abazimisele ukuzithuthukisa bona nemiphakathi yabo.

Singakhohlwa nokuthi, kusukela ngo-1996 ingoma ehlukanisa unyaka ibihlale ijabulelwa yiwo wonke umuntu. Indlela ebheke kuNcibijane ihlale iwuhambo oluphawuleka kakhulu.

Lesi yisikhathi sonyaka esisetshenziswa yizinsizwa nezintombi ukuqinisa uthando lwabo.

Ubona izintombi zihamba phakathi kwamabili, zicula izingoma zothando zilibangise emzini wensizwa ekhethelwe intokazi ethile. Le ntokazi isuke ingumuntu osethathe isinqumo esiqotho sokuthi ifuna wonke umuntu azi ukuthi ithandana naleyo nsizwa enenhlanhla.

Izihloko zakamuva