Lungani Zungu
Abeseka uJacob Zuma bangaya emzini wakhe oseNkandla ukuze bamamukele njengoba ephuma ejele, kodwa angeke bamthinte.
Kuhlelwa umthandazo mhla ziyi-14 kuMfumfu ukwamukela owayenguMengameli emzini wakhe njengoba ekhishwe ngenxa yesimo sakhe sempilo ejele mhla zi-5 kuMandulo ngemuva kokugwetshwa izinyanga eziyi-15 esejele.
Waboshwa mhla zi-7 kuNtulikazi ngokuphikisana nemiyalelo emibili yasenkantolo.
Omunye wabahleli bomthandazo, uBishop uVusi Dube, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi angeke bafake isimo sikaZuma sempilo engcupheni.
“Sizomcela ukuba aphume emzini wakhe ahlanganyele kanye nathi lapho esizobe sibambe khona umkhuleko njengoba esazama ukululama,” kusho uDube.
Okunye obekubakhathaza ukuthi abayazi imigomo nemibandela abekelwe yona njengoba bemdedelile.
“Asifisi ukuba aphule umthetho kashwele wakhe aphinde azithole esebhekene nelinye icala. Yingakho sifisa ukuqikelela konke esikwenzayo.
UDube, oyilungu eqenjini le-ANC lesishayamthetho sesifundazwe(MPL), uthe bazoqikelela ukuthi inani labantu abazofika bangaphansi kwabantu abayizi-2000 ukuze sihambisane nomthetho womvalelandlini wesigaba sokuqala.
“Sizoba nomhlangano wokugcina ngoLwesibili lapho esizophothula khona yonke into,” kusho uDube.
Akazange akudalule ukuba uZuma usephila ngokuhlala embhedeni noma cha.
“Okubalulekile ukuthi uyagula, futhi kumele sikuhloniphe lokho siphinde simkhulekele ukuba asheshe asinde,”
Kunemibuzo eminingi ngesimo sempilo kaZuma ngemuva kokukhishwa kwakhe ngenxa yezimo ezithize ekhishwa ngumlingani wakhe owaziwayo u-Arthur Fraser, obengukhomishana wezamajele.
Ngisho izinhlelo zokwamukela uZuma ziyadida kakhulu.
Okokuqala i-JG Zuma Foundation isicele ukuba sinikeze uZuma isikhathi nomndeni wakhe ngoLwesine.
Umfowabo kaZuma uKhaya usanda kutshela i-Scrolla.Africa ukuthi yonke imicimbi yokwamukela umfowabo isazomiswa kancane.
Ngokudlula kosuku olulodwa, ngoLwesihlanu inhlangano iZuma Foundation iphinde yajika yamemezela ukuthi kuzoba nomkhuleko wokwamukela uZuma emzini wakhe.
Inhlangano i-Zuma Foundation iphinde yamemezela ukuthi abezokholo, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye namaqembu epolitiki nabo bamukelekile.
Khona manjalo, uZuma mhla zingama-26 uzokwazi ukuthi isicelo sakhe siphumelele noma cha sokuthi kususwe umshushisi wombuso ongummeli uBilly Downer ecaleni lakhe lokuphula ingalo yomthetho.