Asikakhiphi ngisho indibilishi: Hunt 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt uwuchithile umbono wokuthi inselelo yesicoco se-Premier Soccer League (PSL) idinga imali.

Lo mqeqeshi udalule ukuthi akazange akhiphe nelilodwa irandi ngokwakha isikwati kule sizini.

Ngesikhathi ehlanganisa isikwati sakhe uHunt ubethembele kubadlali abakhululekile, abadlali ababolekwe kwiMamelodi Sundowns kanye nokukhuphula abadlali abathuthukayo ngemuva kokuthi uSipho Mbule kanye noRonwen Williams baye kwiSundowns.

Kodwa iSuperSport isendaweni yesithathu ku-PSL kanti ibe ngelinye lamaqembu azama ukufakela iSundowns ingcindezi.

Kodwa-ke, uHunt uyavuma ukuthi iSundowns ibonakala iwuphunyuka bemphethe ku-PSL futhi impi yeligi iphakathi kweRichards Bay esendaweni yesibili neSuperSport.

“Kunempi enkulu yokulwela indawo yesibili neyesithathu. Umbango wangempela lona okhona,” kusho uHunt.

“Uma ubheka isabelomali. Ubani osebenzisa imali engaphezu kwakho, ubani othenge abadlali nokuthi ubani ongathenganga abadlali?

“Asikasebenzisi ngisho ishumi kule sizini, futhi angithenganga ngisho nomdlali oyedwa. Kodwa ngicabanga ukuthi siphezulu etafuleni. Siza lapha futhi singcono kunabo [iSundowns] futhi siyayenza into yethu.”

ISuperSport nayo isazosayinisa umdlali kuleli windi lamanje lokufuduka kwabadlali.

Kodwa ngaphambi kokuthi kuqale isizini, basayinise abaphuma kwi-Orlando Pirates uSiphesihle Ndlovu noThulani Hlatshwayo futhi babanikwe mahhala.

Baphinde balanda uPatrick Maswanganyi obehluleka esigabeni esiphansi sase-Portugal, uThabang Sibanyoni, uGrant Margeman kanye nonozinti uRicardo Goss obebolekiswe kwiSundowns.

“Ngakho-ke, singazahluleli ngokuthi sizoqeda kuphi kodwa sizahlulele ngalokho esinakho. Ake sizame ukwenza lokhu kube ngcono,” kusho uHunt.

” Mina ungangehlulela kuphela ngekhono leqembu lakho nangekhono labadlali bakho. Yehlulela ngalokho onakho nokuthi banani.

“Uma ubeka phansi iphepha leqembu lakho uthi ukhethe abadlali abangu-11 sesingakhuluma sibheke ukuthi kulungile yini.

“Ngesikhathi ngiqala eminyakeni edlule amaqembu ayesondelene kakhulu kodwa iSundowns yabathenga bonke abadlali. Inabadlali bethu abasezingeni eliphezulu.

“Kuyenzeka, siphila kanjalo, sisebenza ngezabelomali nezinto ezinjalo. Ngakho-ke kufanele ube neqiniso ngalokho onakho.”

Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs ongazange aqede isizini ka-2020/2021 e-Naturena usewine isicoco se-PSL amahlandla amane ngemuva kokuxoshwa kwiChippa United.

Esithombeni esingenhla: UGavin Hunt

Umthombo wesithombe: SuperSport United

Izihloko zakamuva