Kabelo Tlhabanelo
Ukuzama ukuhambisa utshwala ngeveni buye endaweni ephephile kuvele kwaba wumsebenzi obiza kakhulu.
I-Tops yase-Harrismith, e-Free State, ilahlekelwe amalitha angaphezu kwayi-850,000 kabhiya ne-cider.
Futhi umshayeli wemoto uhlawuliswe imali eyizi-R5,000.
Amaphoyisa amise i-Nissan NP200 yenkampani ngoLwesibili ekuseni kwaboshwa umshayeli oneminyaka engama-57.
Umshayeli ongathandanga ukudalulwa igama uthe utshwala bebuhanjiswa endaweni ephephile.
“Sibe nezinkinga nge-alamu ebiqhubeka nokukhala esitolo futhi notshwala bebungaphephile,” kusho umsebenzi etshela abakwa-Scrolla.Africa.
“Utshwala bebuyiswa endaweni yokugcina impahla ngenkhathi amaphoyisa emisa iveni.”
Uthe amaphoyisa abengafuni ukulalela udaba lwakhe kanti kuthathwe iveni notshwala.
“Iqiniso ukuthi utshwala abuzange buthengiswe,” uyasho.
Okhulumela amaphoyisa u-Colonel Thandi Mbambo uthe utshwala obufinyelela kumalitha ayizi-871,680 buthathiwe kanye neveni yenkampani.
UMbambo uthe: “Ngomhla ziyi-19 kuMasingana ngabo-10: 30, i-Harrismith Visible Policing yalunywa indlebe ngomuntu owayehambisa utshwala esebenzisa iveni yenkampani. Utshwala lobu buthuthwe bususwa esitolo esidayisa utshwala i-Tops bayiswa endaweni engaziwa. Imoto ibonakale ihamba ku-Stuart Street kanti kutholakale ukuthi ibilayishwe utshwala. Le ndoda eneminyaka engama-57 yahlawuliswa imali eyizi-R5,000 ngokuphula umthetho we-Disaster Management Act Covid-19.”
Isithombe: ngabakwa-SAPS