Ashabalele amathemba elakuleli okuwina eyomhlaba kwelo mnqakiswano

Lubhalwe nguMichael Madyira

Elakuleli elingosokhaya liphuthelwe indawo kowandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba yelomnqakiswano yakulo nyaka ngemuva kokuhlulwa i-Uganda ngo 52-50 emdlalweni wokuhlungela ku-Pool G wesigaba sesibili emdlalweni obuse-Cape Town International Convention Centre ngoLwesine.

AmaSPAR Proteas bekudingeka ukuthi awine okungenani ngamagoli angu-64 ukuze afinyelele kowandulela owamanqamu ngemuva kokuthi i-New Zealand ihlulwe i-Jamaica ngo-48-59 ekuqaleni kosuku.

Ngemuva kokuqala umdlalo ngendlela ethembisayo elakuleli belithwele kanzima isiwombeni sokugcina ukuze lidedele obekubukeka kuwukuhola okuhle ngesikhathi i-Uganda isongela ukuwina.

Lo mphumela uholele ekutheni iqembu lakuleli liqede endaweni yesithathu ku-Pool G futhi lizotholana phezulu ne-Tonga noma i-Malawi emdlalweni wama-play-off ngoLwesihlanu.

Kubadlali abajaha umugqa wamaphuzu amaningi, kube isiqalo esiqinile futhi esinensayo eqenjini likaNorma Plummer nakuba liphumelele phakathi nekota yokuqala.

Ngesikhathi begcine uhlelo lokuvikela oluqinile, begcine umugqa kanye ne-Uganda phezulu ama-SPAR Proteas athokozele ukuxhumana phakathi kuka-Ine-Mari Venter noNichole Taljaard.

Ukuhamba phambili ngo 16-11 ngekota yokuqala kubenze bathola umfutho kwathi kweyesibili baqhubeka nokuvimba i-Uganda ukuthi ithole igoli lesithathu.

Abavimba amabhola uPhumza Maweni, uKarla Pretorius kanye noShadine van der Merwe babonakale benalo iqhinga lomshayi magoli wase-Uganda uMary Cholhok ojwayele ukusebenzisa ubude bakhe obungu-2.01m ukuze kuzuze yena.

Ngemuva komdlalo amaSPAR Proteas ebehamba phambili ngo 33-19 endaweni ephakathi lapho uMaweni akwaze khona ukudlula kabili nokuceza ngaleso sikhathi.

Kodwa i-She Cranes ijabulele ukuqala kahle kwekota yesithathu yashaya amagoli amathathu elandelana.

Babambe umdlalo ukuze babhubhise elakuleli ebelihamba phambili ngamagoli angu-14 ukuze bahlehle futhi babe namagoli amahlanu kuphela ahlukanise izinhlangothi zombili ekupheleni kwekota yesithathu.

Kube wumdlalo okhathazayo kwelakuleli njengoba abavikelayo bayo bengenzanga kahle.

Ukubhidlika kweSPAR Proteas kuqhubekile futhi kwikota yokugcina abaseMpumalanga Afrika balinganise amagoli ngesikhathi besabisa ngokuntshontsha umdlalo.

Kubeyisiphetho esibuhlungu emqhudelwaneni njengoba izintokazi zikaPlummer bezilwela impilo ethandekayo ehlehliswe ukwenza amaphutha amaningi.

Esithombeni esingenhla: AmaSPAR Proteas ebhekene ne-Uganda

Umthombo wesithombe: Netball South Africa

Izihloko zakamuva