
Dylan Bettencourt
Kuxwayiswe abasubathi abaya kuma-Olympics asebusika e-Beijing ngenyanga ezayo ukuthi bangalinge bakhulume ngokumelene nerekhodi lase-China odabeni lwamalungelo abantu.
Izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abantu zacasuka kakhulu ngesikhathi i-China inikezwa okokuqala ngqa amalungelo okusingatha imidlalo yama-Olympics asebusika kulo nyaka.
IMelika igxeka ukucwaswa ngokobuhlanga isizwe sama-Uyghur kanye namanye amaqembu amaSulumane nguhumuleni wase-China.
Naphezu kobufakazi obuqand’ikhanda obusekela lesi simangalo, i-China isaqhubeka nokuziphika lezi zinsolo.
Umthetho wesi-50 wemithetho yama-Olimpiki uthi kuzo zonke izindawo nezindawo zama-Olimpiki alukho uhlobo lwemibukiso yezenkolo, yezombusazwe noma yobuhlanga evunyelwe.
Umqondisi jikelele we-Global Athlete group uRob Koehler ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yama-Olympics asebusika uthe “empeleni sikholwa ukuthi akukho ukuvikelwa okuzonikezwa abasubathi”.
“Siluleka abasubathi ukuthi bangakhulumi. Sifuna baqhudelane futhi basebenzise izwi labo uma befika ekhaya”.
Ngesikhathi isikhulu sama-Olimpiki sikhuluma kulo mhlangano sithe imibhikisho yabasubathi ingaholela esijezisweni esinzima, okuhlanganisa nokuhoxiswa kokugunyazwa kwabasubathi.
Amazwe amaningana, okuhlanganisa iMelika ne-UK, athe azoyiduba le midlalo ngenyanga ezayo njengoba ukukhathazeka kwamalungelo abantu e-China kuqhubeka nokukhula.
Okunye ukukhathazeka mayelana nemidlalo kuphakanyiswe ukuthi abasubathi bakhathazekile ngobumfihlo bedatha yabo kanye nezinhloli ezingaba khona. I-China yakhe uhlelo oluqapha impilo yabazobe bekhona kanti abasubathi bacelwa ukuthi bangezi nomakhalekhukhwini babo kule midlalo.
“Kumele kube nezizathu zokuthi kungani amazwe amaningana ecele abasubathi ukuthi bangezi nomakhalekhukhwini babo,” kusho uNoah Hoffman, umtshuzi onqamula izwe owamela iMelika Emidlalweni Yasebusika yango-2014 kanye neyango-2018.
“Noma yimuphi umuntu ophile kahle ekhanda uma ezwa lezi zinto kufanele akhathazeke”.
Kulindeleke ukuthi ama-Olympics sebusika azosithangwa e-Beijing aqale kusukela ngomhlaka-4 kuNhlolanja kuya kumhlaka-20 kuNhlolanja kulokho okulindwe ukuthi kube umqhudelwano omangalisayo nogcwele izimpikiswano.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes