Asenyuse imali amayengandoda aseGhana

Abaqwayizi baseGhana bezwa ubunzima bokuwa komnotho wezwe baqala ukukhokhisa amakhasimende abo cishe imali ephindiwe ngomsebenzi wabo.

Abaqwayizi abaningi emigwaqeni yase-Ghana bebekhokhisa imali engu-R102,68 ikhasimende lilodwa imizuzu cishe engu-15 kuya kwengu-20 kanti ubusuku obuphelele bubiza u-R586, 69. 

“Abanye abantu abakwazi ukwenza ngokushesha uma bezibandakanya ngokocansi. Uma wazi ukuthi uthatha isikhathi eside kumele ukhiphe imali engaphezulu kule ekhokhwayo. Kufanele ukhokhe kahle ukuze lo wesifazane ajabule,” kusho omunye odayisa ngomzimba etshela abezindaba bendawo.

Selokhu kwenyukile intengo kaphethiloli osekuthinte amanani ezimpahla nezinsiza emhlabeni wonke abaqwayizi bathi kumele nabo banyuse imali.

Iningi labaqwayizi linyuse imali ngo-100%.

“Zinyukile izimpahla kanti ukukhokha irenti sekunzima manje ngenxa yalokho ngikhuphule inani lami,” kusho omunye odayisa ngomzimba.

Kodwa-ke izinselele zezimali ezifanayo izwe elibhekene nazo zenza amanye amakhasimende angezi kubona.

“Lokho kuxosha amakhasimende ami,” kusho omunye odayisa ngomzimba ezikhalela.

Ngenkathi izwe lisalindele ukungenelela kwezomnotho amakhasimende abo angase angabi nayo indlela yokukhetha phakathi kokuthola indawo yokuzanelisa kanye nokonga imali.

Izihloko zakamuva