Asemenyezelwe azogadulisana kwi-Currie Cup

Razeen Gutta

I-SA Rugby imemezele ukuthi i-Georgia, i-Kenya ne-Zimbabwe bazodlala kwi-Currie Cup kule sizini, ukulungiselela iNdebe Yomhlaba yebhola lombhoxo ngonyaka ozayo.

La maqembu womathathu azoqhudelana kwi-Currie Cup First Division phakathi kukaMbasa noNhlangulana kulonyaka, ngethemba lokuthi ukudlala imidlalo eyengeziwe kuzokhulisa amathuba okuhlungela iNdebe yoMhlaba.

I-Georgia izoba nenqwaba yabadlali abazobe bengekho ngenxa yokuzibophezela kweqembu e-France, lapho kuzoba khona iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo. Ukuba nabadlali abadlala khona kusasele unyaka ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano, kuzoba inzuzo kubona.

Njengoba i-Georgia isivele isiphambili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni se-Rugby European Championship, kubonakala sengathi kungenzeka ukuhlungela lo mqhudelwano.

Samsung Galaxy 14G

I-Kenya kanye ne-Zimbabwe balindeleke ukuthi bafake abadlali abaqinile uma sekuqala umqhudelwano we-Currie Cup ngomhlaka-1 kuMbasa, ngaphambi kokuthi babhekane nendlela enzima yokuhlungela indebe. 

I-Kenya ihlose ukuhlungela iNdebe yoMhlaba yokuqala ngemuva kokuphuthelwa ithuba lokuya e-Japan ngonyaka ka-2019.

Ngakolunye uhlangothi, i-Zimbabwe izobe inethemba lokubuyela emidlalweni yeNdebe yoMhlaba kulandela ukuhlala iminyaka engu-32 ingekho kulo mqhudelwano.

La mazwe womabili azojoyinwa amanye amazwe ayisithupha kwi-Africa Cup ngoNhlangulana. Lo mqhudelwano uzobanjelwa e-France kanti amaqembu amabili ahamba phambili kuphela azothola ithuba lokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Abazonqoba i-Africa Cup bazohlangana ngqo ne-France, i-New Zealand, i-Italy ne-Uruguay ku-Pool A eNdebeni yoMhlaba. La maqembu azothola elinye ithuba lokuhlungela umqhudelwano wokugcina wamaqembu amane ngoLwezi.

Imidlalo ye-Currie Cup izoqinisekiswa maduze kwi-website ye-SA Rugby.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Scrolla World Cup Quiz