Asele nemibuzo amalungu omndeni kaDuma odutshulwe ngemuva kokubhala umyalezo odide abaningi ku-Whatsapp

Doreen Mokgolo

NgoLwesibili oludlule, uDuma Ngwenya okhanda izimoto  wabhala umyalezo ku-Whatsapp status owathusa abasondelene naye. 

“Mndeni kanye nabangani uma kungenzeka okuthile kumina, nazi ukuthi kungenxa yama-rim emoto.”

NgoMsombuluko mhla zi-4 kuMfumfu uNgwenya wadutshulwa ngaphandle emzini wakhe ngesikhathi ebuya ukuyosebenza. 

Ngaleso sikhathi, lo owesilisa okhanda izimoto obeneminyaka engama-43 ubudala akazange achazele umndeni wakhe ukuthi ubechaze ukuthini ngomyalezo awubhala ku-Whatsapp status wakhe. Sebecabanga ukuthi ukudutshulwa kwakhe kuhlobene nomyalezo wakhe. 

Ngesikhathi umshana wakhe embuza ngomyalezo awubhalile, wathi: “Kungcono bangazi ngenxa yokuvikela izimpilo zabo”. 

UDonnie uthe umzwile umalume wakhe ngesikhathi evula isango ngemuva kwemizuzu, kwavele kwaqhuma isibhamu amahlandla amane. 

“Ngisukume ngaqalaza ngewindi ngabona imoto kamalume ipake ngaphandle. Ngibe sengiphumela emnyango ngiyobheka ukuthi kwenzakalani,”  kusho uDonnie. 

“Ngimthole elele phansi esaphila elokhu enyakazisa isandla. Ngibe sengimemeza ngicela usizo komakhelwane ngaphinde ngafonela amaphoyisa ngokushesha.”

Ngesikhathi ebheka ukuthi usaphefumula, uzwile ukuthi umalume wakhe akasaphefumuli. 

“Sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukuthola ababulali ukuze bakhokhe ngokubulala umalume,”  kusho umshana. 

UNgwenya ubeziphilisa ngokuthenga izimoto ezingezintsha, ama-rim nokunye okuhlangene nemoto – futhi ubezilungisa aphindee azidayise.

Okhulumela amaphoyisa eDuduza uSayitsheni uHarry Manaka uthe ofakazi bathe uNgwenya udutshulwe owesilisa oqhamuke wamdubula ephindelela amahlandla amane. 

“Ngemuva kokumdubula bangene emotweni emhlophe eyisakhiwo seveni ebikade ipake eduze nasemzini wakhe yasuka ngesivinini,” kusho uHarry.                                                                      

Akekho osaboshiwe okwamanje futhi uManaka ucele wonke umuntu ongaba nolwazi ukuthi lezigilamkhuba zingatholakalaphi axhumane namaphoyisa.   

Izihloko zakamuva