Asekubhaceni amakhansela asatshiswa ngokwelekwa ngesoyi

Celani Sikhakhane

Aphoqeleke ukuthi aye ekubhaceni amakhansela kuMasipala wasoKhahlamba asatshiswa iMeya ngokuthi azolekwa ngesoyi.

La makhansela asusa imsindo ngesikhathi efuna kukhishwe iMeya esikhundleni uVikizitha Mlotshwa we-African People’s Movement’s ngemuva kokudla u-R1.4 million okwakumele usetshenziswe emcimbini wosuku lwamalungelo abantu ongakaze ube khona.

Uhulumeni wendawo ususe umsindo kule nyanga emuva kokuthi kusetshenziswe u-R1.4 million ngaphandle kwemvume yomkhandlu.

Le mali ivele kwikhotheshini yangomhlaka-2 kuNdasa, yomcimbi wosuku lwamalungelo abantu obekumele ube khona ngomhlaka-12 kuNdasa endaweni yakwaKhethani.

“Lokhu kwenziwe yiMeya uMlotshwa nephini lakhe kanye noSomlomo, bakwenze ngaphandle kwemigudu efanele ekubeni imali ethintekayo ibidinga ukuthi uMasipala uqhubeke nemigudu yokukhipha amathenda,” kusho uMnu uSanele Buthelezi oyikhansela le-IFP kulo Masipala.

Lokhu sekuholele ekutheni kukhishwe iMeya uMlotshwa nesigungu sakhe.

I-Scrolla.Africa iyaqonda ukuthi kuzoba nomhlangano ozoqhubeka nokususa isigungu ngevoti lokungabethembi, ozoba ngomhlaka-29 kuNdasa.

Kodwa amakhansela alinganiselwa ku-15 e-IFP ne-ANC afuna kuphenywe ngamaphoyisa asebaleke eKZN ayocasha kwezinye izifundazwe ngemuva kokuthola izinsongo zokubulawa, okusolwa ukuthi ziphuma kuMlotshwa.

“Sicikekile ngoMlotshwa ngenxa yenkohlakalo yakhe. Inkinga usesabisa abathintekayo ngokufa. Sibe sesithatha isinqumo sokuthi sicashe ukuze sibuye ngomhlaka-29 lapho sizophakamisa khona ivoti lokungabethembi yena nephini lakhe noSomlomo,” kusho uButhelezi.

Lowo owayeyisikhulu sikaMasipala uPhumlani Donda Khumalo, owadalula le nkohlakalo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi banethemba lokuthi amakhansela azovula icala lobugebengu emaphoyiseni.

Umphathi wezokuxhumana oKhahlamba uSuraya Asmal uthe uMasipala ubuhlose ukuba nomcimbi wesikhumbuzo sosuku lwamalungelo abantu ngokubambisana noMnyango Wezobuciko Namasiko esifundazweni kodwa umcimbi wahlehliselwa osukwini olulandelayo.

“Izinhlelo zalo mcimbi zidlulele kwi-supply chain kodwa akuzange kuphothulwe lutho,” kuchaza u-Asmal.

IMeya uMlotshwa ayitholakalanga ukuthi iphawule njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Izihloko zakamuva