Asaqhubeka nokushisa izikhotha ama-piano

Sizwe Sibiya

Njenge-Mamelodi Sundowns FC edlala ku-DStv Premier League ama-piano asekulungele ukuhlala esicongweni.

Eqinisweni zilungiselele enye isizini yama-piano.

Ngemuva kokukhipha ama-albhamu amathathu selokhu kwaqala umvalelo okokuqala ngoNdasa ngonyaka ka-2020 umdidiyeli womculo wama-piano uMnu JazziQ uselungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe yesine enesihloko esithi “All You Need Is Piano.”

UJazziQ ogama lakhe langempela nguTumelo Manyoni oqhamuka e-Alexandra eGoli unekhathalogu yezingoma ezishisa izikhotha ngaphansi kwesihloko esithi, “Umsebenzi Wethu” kanye nethi “Amaneighbour” okukhona kuyo umculi ongasekho uKiller Kau kube uReece Madlisa, uZuma noThackzinDJ. 

“I-albhamu izophuma maduze!” kusho uJazziQ ku-Instagram wakhe eveza ikhava emnyama nokumhlophe eyenziwe i-Mini Photography.

Owayeyilungu leqembu elidumile lomculo wama-piano i-JazziDisciples elakhiwe omunye womdidiyeli womculo ogama lakhe uJosiah Disciples ukhiphe i-albhamu yakhe eyedwa yokuqala enesihloko esithi “0303”ngo-2020. Usalungisa isitoko sakhe ukuze sithunyelwe, kodwa u-Sha Sha uphambili kunaye.

Owaduma ngezingoma ezithi “Tender Love” okukhona uDJ Kabza De Small noDJ Maphorisa kanye nethi “Woza” uSha Sha usekhiphe ingoma enesihloko esithi Ungowami ayicula noSoa Mattrix ekwi-albhamu yakhe esanda kukhishwa enesihloko esithi “I Am Alive.”

Owawina i-awadi ngo-2020 ye-Best New International Act BET ovela e-Mutare, e-Zimbabwe useyikhiphile i-albhamu yakhe yokuqala okulindelwe ukuthi ithengwe kuzo zonke izinkundla zomculo eziku-inthanethi.

I-albhamu kaSha sha ethi “I Am Alive” elandela ngemuva kwe-EP yokuqala yakhe i-Blossom ekhishwe ngo-2019 ihlelelwe ukukhishwa ngoNcwaba.

“Sekuyisikhathi eside sizama ukuhlanganisa sizama nokuphumelela kodwa lelo thuba selifikile,” kusho uSha Sha ogama lakhe langempela nguCharmaine Mapimbiro ngoLwesithathu.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva