
Kamogelo Olaitan
Kushone abantu abathathu ngesikhathi kuhlaselwa amabandla amabili endaweni yasemakhaya yase-Kajuru, esifundeni sase-Kaduna e-Nigeria ngeSonto.
Emasontweni amabili edlule, kubulawe amakholwa angaphezu kuka-50 ebandleni lamaKhatholika e-Owo esifundeni sase-Ondo ezweni eliseNtshonalanga ye-Afrika.
Ngokwemibiko yabezindaba bendawo, ukuhlasela kwangeSonto bekubhekiswe ezigodini ezine lapho okuthunjwe khona isibalo esingashiwongo sezakhamizi ezindlini zazo.
USamuel Aruwan, uKhomishana wezokuPhepha kwangaPhakathi kanye nezaseKhaya esifundeni sase-Kaduna, esitatimendeni uthe izigebengu zihlasele lezi zigodi ngezithuthuthu.
“Baqale e-Ungwan Fada, badlulela e-Ungwan Turawa, ngaphambi kokuya e-Ungwan Makama nase-Rubu lapho okutholakala khona la mabandla amabili,” kusho u-Aruwan.
Uthe abathathu ababulewe bahlonzwe njengoPeter Madaki, u-Elisha Ezekiel kanye no-Ali Zamani ongumholi wentsha endaweni yase-Rubu.
U-Aruwan uphinde waqinisekisa ukuthi abantu ababili baye balimala kulandela ukuhlaselwa kanti kuthunjwe izakhamizi okungaziwa ukuthi zingaki.
“Laba basolwa bagebenge izitolo base behamba nezinto ezibalulekile kulezi zigodi,” engeza.
Ozibonele ngawakhe u-Usman Danladi utshele abezindaba ukuthi amakholwa abesenkonzweni e-Maranatha Baptist Church kanye nase-St Moses Catholic Church esigodini sase-Rubu ngesikhathi amadoda abehlome ngezibhamu ezungeza la mabandla.
“Ngaphambi kokuthi amakholwa abone okwenzakalayo, abesevele ehlaselwa ngesikhathi abanye abasolwa beyohlasela kwezinye izindawo,” kusho uDanladi.
I-Christian Association of Nigeria ikugxekile ukuhlasela kwangeSonto yathi amabandla ase-Nigeria asephenduke izisulu zamaqembu ahlomile.
Umfundisi u-Adebayo Oladeji, okhulumela inhlangano, utshele i-Associated Press ukuthi kuyishwa ukuthi ngesikhathi besalilela ababulawe e-Owo emasontweni amabili edlule, sekuphinde kwahlaselwa e-Kaduna.
Kuke kwaba nokuhlaselwa okufanayo okubhekiswe ezindaweni zasemakhaya esifundeni esisenyakatho yezwe.
Amadoda abehlome ngezibhamu abehamba ngezithuthuthu avamise ukuhlasela izindawo lapho abezokuphepha base-Nigeria bembalwa khona.
Iziphathimandla zihlonze abahlaseli njengabafuyi abasebasha besizwe sama-Fulani ababanjwe obishini lwase-Nigeria phakathi kwemiphakathi ehlezi emakhaya nabelusi ngenxa yokungakwazi ukuthola amanzi nomhlaba.
I-Premium Times ibika ukuthi la madoda ahlomile abehamba ngezithuthuthu ahlasele izigodi ezimbalwa e-Kajuru emasontweni amabili edlule lapho okushone khona abantu abangu-32.
Umthombo wesithombe: @AssociatedPress