Asahamba kahle Amabhokobhoko kweyolombhoxo

Lucky Sithole

Njengoba bekulindelekile ama-Blitzboks ayiwine yonke imidlalo emithathu ye-pool ngosuku lokuqala lwe-HSBC Sevens e-Vancouver futhi lolu bekuwusuku lwabo oluhle.

USelvyn Davids uthe ekuqaleni kwesonto ngemuva kokudlala kabi kwe-Blitzboks e-Singapore bebengacabangi ngokuwina izindebe.

“Besingacabangi ngesiliva, kodwa besibheke ukudlala imidlalo ye-HSBC sevens kuphela,” kusho uDavids.

Uma sikhuluma iqiniso besifakwe emidlalweni onzima kunawo wonke.

Ukuqagela ukuthi bazoshaya i-Spain ne-Argentina akubenzi bafane ne-Nostradamus yebhola lombhoxo futhi uma behlulwa i-Australia basangakwazi ukungena kowamanqamu.

Bekuyindlela abenza ngayo ebibalulekile. Kuyo yonke le midlalo emithathu bebebonakala behlise amaphapho phansi bekhombisa ukuzimisela nokufisa ukuwina le midlalo emithathu. 

Ngemuva kokuqala komdlalo bedlala ne-Spain bathole ama-try amahlanu bakwazi ukudedela amabili.

Umugqa wamagoli wokugcina wenze kwabukeka kuseduze kakhulu kunalokho obuyikho njengoba i-Spain ishaye i-try yokududuza ngemuva kokuthi isikhathi somdlalo sesivele sibhalwe ngokubomvu emizuzwini engu-15.

Ama-Blitzboks abelandela ngemuva emdlalweni wawo ne-Canada kwaze kwaba umzuzu ka-13 lapho uSelvyn Davids eshaya i-try yokuwina.

Isizwe ebesisingethe lesi sicoco sivuke umbhejazane kodwa ngandlela thize kwabonakala sengathi iNingizimu Afrika izonqoba.

Umdlalo ne-Australia ubulindelwe njengokuhlolwa kwekhemikhali ethize futhi uvele wanjalo. Emuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye iNingizimu Afrika ishaye ama-try amabili kwathi i-Australia yashaya amathathu kanti ama-Blitzboks abebukeka esengcupheni yokulahlekelwa umdlalo njengoba abelandela ngemuva ngamaphuzu ayisikhombisa.

Ngemuva kwalokho uZain Davids ushaye i-try ngamandla kanti uJC Pretorius washaya igoli kusasele umzuzu owodwa ukuze iNingizimu Afrika inqobe ngamaphuzu amathathu.

NgeSonto ngehora lesishiyagalolunye ngesikhathi saseNingizimu Afrika izodlala ne-Samoa kuma-quarter final. Ngethemba lokuthi bazophumelela

INingizimu Afrika inamaphuzu angu-31 kanti i-Spain inamaphuzu angu-12. 

ENingizimu Afrika abashaye ama-try nguDarren Adonis, uSiviwe Soyizwapi (2), uDewald Human, u-Impi Visser bashaye ama-conversions amathathu.

E-Spain abashaye ama-try nguDuardo Lopez, kwathi uTiago Romero washaya i-conversion eyodwa.

INingizimu Afrika ithole amaphuzu angu-19 i-Canada yathola angu-14

ENingizimu Afrika abashaye ama-try nguJC Pretorius, uRonald Brown, kwathi uSelvyn Davids washaya ama-Conversions amabili. 

E-Canada abashaye ama-try uDavid Richard, kwathi uCooper Coats washaya ama-Conversions amabili. 

INingizimu Afrika ithole amaphuzu angu-22 kanti i-Australia ithole angu-19.

ENingizimu Afrika abashaye ama-try nguRonald Brown (2), uZain Davids, kwathi uJC Pretorius washaya i-conversions eyodwa. 

E-Australia abashaye ama-try nguBen Marr, uMatthew Gonzalez, kwathi uNick Malouf washaya ama-Conversions amabili. 

Scrolla World Cup Quiz