Argentina inqobe kowamanqamu e-Copa America

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Igoli elishawe ngesikhathi esengeziwe likaLautaro Martinez liqinisekise ukunqoba kwe-Argentina ihlula i-Colombia kowamanqamu e-Copa America ngeSonto e-Hard Rock Stadium e-Miami.

Umdlalo ubambezeleke imizuzu engu-80, abalandeli abaningi abebenamathikithi bengangeni enkundleni abanye abalandeli bebengena bengenawo amathikithi.

Naphezu kokulimala kukaLionel Messi, okumphoqe ukuthi awushiye umdlalo ngemuva kwehora, i-Argentina ikwazile ukunqoba kowamaqamu e-Copa America.

I-Colombia ibizimisele ngesikhathi umdlalo usanda kuqala kanti uJhon Cordoba ushaye ipali ezama ukushaya igoli.

Nokho umdlalo wabo wokungahlulwa emidlalweni engu-28 uphele esikhathini esengeziwe njengoba womabili amaqembu abesekhathele.

UMartinez, odle isicathulo segolide kulo mqhudelwano ushaye igoli elingumnqamulajuqu ngomzuzu ka-112, lakhalisa uMessi izinyembezi zenjabulo.

Lokhu kunqoba kwengeza empumelelweni yakamuva ye-Argentina, okuhlanganisa nokunqoba kwayo iNdebe yoMhlaba e-Qatar.

Isithombe esingenhla: I-Argentina ibungaza ukunqoba kwayo.

Umthombo: @copaamerica

Izihloko zakamuva