Aphikisayo ayahlangana ngenhloso yokuketula i-ANC

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Amaqembu amaningi aphikisayo aseqome ukusebenzisana ngenhloso yokuqumba phansi i-ANC.

Ngaphansi kwesivumelwano esibizwa nge-“Moonshot Pact”, i-DA izama ukuthi amaqembu aphikisayo ahlangane ne-ANC ne-EFF ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

Kuze kube manje, i-DA, i-IFP, i-FF-plus, i-ActionSA, i-National Freedom Party, i-United Independent Movement kanye ne-Spectrum National Party sebejoyine uhlelo lwe-DA.

I-United Democratic Movement ebize umhlangano wokuqala wamaqembu aphikisayo, ayikavumi ukujoyina i-Moonshot Pact.

Iqembu ebelingekho i-ACDP okuyiqembu elingaphansi kahulumeni wobambiswano ne-DA ne-IFP eKZN.

I-EFF okuyiqembu lesibili eliphikisa iqembu elibusayo kuleli, ayizange imenywe kumfelandawonye wamaqembu aphikisayo ngoba umholi we-DA uJohn Steenhuisen ebize le nhlangano njengesitha sokuqala se-DA.

Amaqembu ayisikhombisa akhiphe isitatimende ngokuhlanganyela athi azobamba ingqungquthela kazwelonke ngomhlaka-16 no-17 kuNcwaba ukuze avumelane ngemibandela yesivumelwano sawo nokuthi azosebenzisana kanjani esikhathini esizayo.

“Umhlangano uzoba se-Emperor’s Palace e-Kempton Park. Le ndawo yakhethwa ngamabomu ngenxa yokubaluleka kwayo okungokomfanekiso njengoba kwakuyindawo lapho izingxoxo ze-Codesa zenzeka khona, ezabeka isisekelo sokudlulela kweNingizimu Afrika kuntando yeningi.

“Ngakho-ke, kufanelekile ukuthi sisebenzise le ndawo ukusingatha ezinye zezingxoxo zomlando lapho abaholi bamaqembu aphikisayo bezohlangana etafuleni elilodwa ukuze baphume nombono ofanayo ngohulumeni omusha,” kusho isitatimende samaqembu.

USteenhuisen, iqembu lakhe elibambe u-21% wamavoti kuzwelonke uthe amaqembu ayisikhombisa ngokuhlanganyela amele u-35% wesabelo sikazwelonke.

“Abavoti bangaqina idolo ngokuthi okokuqala ngqa abaholi bezepolitiki basebenza ngokubambisana ukunikeza ithemba elakuleli,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uhlangane nomsunguli we-ActionSA uHerman Mashaba 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva