Aphikisayo acuphela i-ANC umgogo eKZN

Celani Sikhakhane

Uqhekeko lwezepolitiki kwi-ANC KwaZulu-Natal kanye nokubunjwa kobuholi bayo obusha kwenze amaqembu aphikisayo ezombusazwe akholelwa ekutheni angakwazi ukuketula i-ANC ngo-2024.

I-ANC ikhethe uhlaka lobuholi obeseka owayenguMengameli uJacob Zuma, uNobhala we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule nowayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede kanti bonke laba baholi basolwa emacaleni okukhwabanisa nenkohlakalo futhi bayathinteka embikweni wokulawulwa kombuso.

I-DA ibe ngeyokuqala ukuveza lobu buthakathaka ngesikhathi begcona uSihlalo wesifundazwe osanda kukhethwa uSiboniso Duma njengomholi weqembu eliphikisayo.”

Lesi sitatimende asilona iphupho. 

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi nyakenye i-ANC yazuza amavoti angu-41,9% esifundazwe eKZN.

Leli qembu liphinde lalahlekelwa oMasipala abaningi ababalulekile eKZN ngemuva kokuthi abantu balahlekelwe ukubathemba koMasipala abangu-18 okhethweni olwedlule.

I-ANC icishe yalahlekelwa uMasipala waseThekwini kodwa yasizwa nguPhilani Mavundla we-Abantu Batho Congress owavota ne-ANC.

Lokhu kubeka iKZN endaweni efanayo neyesifundazwe sase-Gauteng okubukeka sengathi sizobuswa uhulumeni wobumbano okhethweni lukazwelonke ngo-2024.

“Ngesikhathi sihalalisela uDuma sikubeke kwacaca ukuthi nguyena ozohola iqembu eliphikisayo njengoba i-ANC izoba iqembu eliphikisayo ngo-2024,” kusho umholi we-DA esifundazweni uFrancois Rodgers.

Owe-DA utshele i-Scrolla.Africa ngoMsombuluko ukuthi umbhalo usodongeni. Uthe ngo-2024 i-ANC izothola ngaphansi kuka-50% bese ilahlekelwa amandla eyawathola ngo-2004.

Uthe i-ANC isivele ilahlekelwe ukwesekwa kwayo okhethweni olwedlule lohulumeni basekhaya.

USboniso Duma wehlule umholi ophumile uMnu Sihle Zikalala.

Abantu abaningi babiza isitatimende se-DA njengephupho bathi bazokholwa isitatimende uma siphuma ku-IFP njengoba isethubeni elikhulu lokuthatha isifundazwe.

Ngo-2019 i-ANC yalahlekelwa izihlalo eziyishumi kwisishayamthetho saseKZN kanti i-DA ikholelwa ukuthi ngo-2024 izolahlekelwa ezinye eziyishumi. 

Izihloko zakamuva