Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
IMeya kamasipala uMngeni uMnuz Chris Pappas ithi abakhohlwe laba abathi owayenguMengameli uJacob Zuma umdlisela ogageni KwaZulu-Natal njengoba ebuye kwezepolitiki noMkhonto weSizwe Party ngoZibandlela.
UPappas ukusho lokhu ekhuluma ne-Scrolla.Africa kuleli sonto eMgungundlovu ngemuva kokuthi kube nabaningi abathi selokhu uZuma ebuye ngoMkhonto, seluvele lwacwila udumo lukaPappas.
“Bayadlala labo abathi ngicwilile. Mina angeke ngidliselwe ogageni ikhehla. Okunye phela thina kuDA sinendlela esikhankasa ngayo neyenza sihluke kwamanye amaqembu ezepolitiki. Ngakho akulona iqiniso ukuthi uZuma usevele wangigqiba. Ngisasho ngithi mina angeke ngiminciswe ikhehla,” kusho uPappas.
Ukusho lokhu nje izibalo zakamuva ezikhishwe abe Social Research Foundation zikhomba ukuthi uMkhonto weSizwe Party uza ngamandla futhi usuqengqeleza kumaphesenti angu-24 KwaZulu-Natal kanti angu-28 kuzwelonke.
Ngakolunye uhlangothi, umholi we-DA eKZN uMnuz Francois Rodgers uthe uMkhonto weSizwe baningi abawuvumayo ukuthi uyagadla kodwa wathi ujijimeza i-ANC, i-EFF ne-IFP.
Uthe ku-DA akukubi kakhulu ngoba izibalo zikhomba ukuthi ukwesekwa kwabo kuyakhula.
Indodakazi kaMntwana wakwaPhindangene okunguMntwana uPhumzile Buthelezi ukhale kakhulu ngoMkhonto weSizwe wathi uma i-IFP ingabhekile kuzokonakala.
Uthe sekucacile ukuthi uKhongolose akusiwona wodwa osenkingeni wokujijimezwa uMkhonto kodwa ne-IFP kumele ivike ngoba okwenzeke okhethweni lokuchibiyela oPhongolo kubethusile.
OPhongolo uMkhonto wehlise izibalo zamavoti kaKhongolose ngamaphesenti angu-9 kwathi eze-IFP zehla ngamaphesenti angu-13.