Lungani Zungu
U-Ace Magashule ukhwele wadilika kumalungu eKomidi Eliphezulu Likazwelonke le-ANC athembekile kuMengameli uCyril Ramaphosa azama ukumsusa esikhundleni sokuba uNobhala-Jikelele weqembu.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo nabakwa-Scrolla.Africa, uMagashule uthe: “Yimpi le, futhi ngeke ngihlehle. Ngizolwa kuze kube sekugcineni.”
I-ANC NEC, okuyisigungu esiphezulu seqembu esithatha izinqumo, sibe nomhlangano kule mpelasonto kodwa umhlangano waphela isigubhukane ngemuva kokuthi amanye amalungu e-NEC ecele ukuthi amiswe esikhundleni uMagashule ngokuhambisana nenqubo-mgomo ye-ANC.
Kodwa ozakwabo bakaMagashule kwi-NEC bamvikela.
“I-ANC akuyona eyomuntu. Kodwa eyamagatsha,” kusho uMagashule.
UMagashule ubhekene namacala angahle aqede umsebenzi wakhe wezepolitiki, ngenxa yethenda yezigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.
UMagashule uthe ikhomishini yezobuqotho, eholwa yisiqhwaga seqembu, uGeorge Mashamba, akumele ibe yisikhali sokuqeda izimbangi zombusazwe.
Ikhomishini iphakamise ukuthi amiswe emsebenzini.
Lokhu kuhambisana nenqubomgomo ye-ANC yokuthi amalungu eqembu abhekene namacala obugebengu kufanele amiswe emsebenzini.
Abakwa-Scrolla.Africa bathole emithonjeni emithathu ezimele ukuthi uMagashule usola uRamaphosa ukuthi ulwisana naye.
“Asivumele amagatsha akhulume. Ngakhethwa ngamagatsha, futhi yibona kuphela abantu abangangisusa esikhundleni sami,” kusho uMagashule.
Amazwi akhe okuvalelisa athe: “Angiyi ndawo.”
Abakwa-Scrolla.Africa bathole emithonjeni emithathu yeqembu ezimele ku-NEC ukuthi uTony Yengeni ubephakathi kwabantu abagxumele phezulu ukuvikela uMagashule.
“Kuvele kwashuba emhlanganweni kwadingeka ukuthi kukhuzwe amalungu abasephume endleleni. Lesi yisikhathi sokuphenduka kukahuhumeni we-ANC selokhu kwaqala intando yeningi,” kusho ilungu le-NEC elingathandanga ukudalulwa.
UPule Mabe, okhulumela i-ANC unqabile ukuphawula.
Umthombo wesithombe: @magashule_ace