Lungani Zungu
UJacob Zuma yindoda ebukeka ikulungele ukumosha noma yini esendleleni yayo njengoba elwa impi eyisimanga yokungayi ejele.
Lowo owayenguMengameli ukhulume nabalandeli bakhe ngaphandle komuzi wakhe oseNkandla enkulumweni ayethule ngesiZulu ngeSonto ntambama.
Ngokucacile, uZuma ufunge wagomela ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuthi angayi ejele – kubandakanya nokulwisana nokuboshwa.
“Ngeke ngiye ejele. Ngiyilwele le ntando yeningi futhi ngeke ngivumele abantu ukuthi bayisebenzise ukulwisana nami. Kumele sonke silwelele ukuvikela inkululeko yethu.”
Akenzanga mizamo yokuxwayisa abalandeli abamsizile, abadubula izibhamu nabasabisa ngempi uma eboshwa.
Kunalokho, wabacela ukuba bamvikele uma eboshwa.
“Kuzofanele badlule kini kuqala ngaphambi kokuba beze kimi.”
Ekhuluma nesixuku – iningi labo ebelingazibandakanyi nemithetho yokuziqhelelanisa noma ukugqoka izifonyo – akazange asho lutho ngokudelelwa kwemithetho ye-Covid-19.
Lokhu kwenzeka yize abantu baseNingizimu Afrika abayizi-61,507 sebebulewe yigciwane, kusukela ngoMgqibelo.
UZuma uthe kube netulo elenziwa ngabathile, kubalwa nabezobulungiswa, ukuze “babhekane” naye.
INkantolo Yomthethosisekelo ikhiphe isinqumo ngoLwesibili olwedlule sokuthi udelele inkantolo ngemuva kokuthi edelele imiyalelo emibili yenkantolo emtshela ukuthi avele ngaphambi kwekhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.
Bekufanele azinikele eNkandla ngoLwesihlanu, kodwa usefake izicelo zokuya eNkantolo eNkulu naseNkantolo Yomthethosisekelo.
UZuma obebukeka engakhathazekile uqonde kwiPhini leJaji uRaymond Zondo nowayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela.
Utshele abalandeli bakhe ukuthi izinkinga zakhe zomthetho zaqalwa nguMadonsela embikweni wakhe wokuvukelwa kombuso ngowezi-2016, owazala ikhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.
Akazange amgagule ngegama kodwa wamdelela embiza “ngentokazi ebukekayo eyayinguMvikeli Womphakathi.”
“Lokhu kuqale ngesikhathi ethatha wonke amandla kimi ukuqoka usihlalo wophenyo.”
UZuma uzobhekana neNkantolo Yomthethosisekelo, okuyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni, ngoMsombuluko mhla ziyi-12 kuNtulikazi emzamweni wokuthi kuguqulwe isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ejele.
NgoLwesibili, inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu izolalela isicelo sikaZuma sokuthi kuvinjelwe uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnu. uBheki Cele namaphoyisa ekutheni bamubophe ngaphambi kokuba iNkantolo Yomthethosisekelo ilalele isicelo sakhe.