Dylan Bettencourt
UBlack Coffee ushaya phansi ngonyawo.
“Angizange ngimbeke isandla uMbali, umama wezingane zami,” usho kanje ku-Twitter ngemuva kokuchitha uMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Randburg lapho khona owayengunkosikazi wakhe u-Enhle Mbali efake isicelo sencwadi yokuvikelwa emvimbela ukuba angene emzini wakhe.
UMbali waya enkantolo ngemuva kokuthi lo DJ kuthiwa wambeka isandla ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa kwakhe ngenyanga edlule.
Esicelweni somyalelo wokuvikelwa, uMbali ufuna nokuthi inkantolo ivimbele uBlack Coffee ekuboneni izingane zabo.
Ku-Twitter, uBlack Coffee uthe akakaze ambeke isandla uMbali.
“Angikaze ngikwenze ngaphambilini futhi angizange ngikwenze namanje,” esho.
“Ngikhule ngibona izimo zodlame olubhekiswe kwabesifazane ekhaya lami futhi kusukela ngisemncane ngafunga ukuthi angisoze ngakuvumela lokho kwenzeke ngaphansi kwanoma yiziphi izimo.”
Uthe ubona sengathi owayengunkosikazi wakhe udukisa umphakathi ngokusebenzisa udaba olubucayi olufana nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
UBlack Coffee, ogama lakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo, uthe usechithe iminyaka emithathu ephuma engena ekwelashweni okunamandla ukubhekana nalokhu kwehlukana kwabo emshadweni.
“Isehlukaniso asikaze sibe lula kodwa kithina kube buhlungu kakhulu.
“Nsuku zonke ngibhecwa ngobubende inyama ngingayidlanga. Angizange ngimbeke isandla.”
Icala lihlehliselwe umhla zingama-28 kuMbasa.
Umthombo wesithombe: @ News24