Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
- Umholi we-EFF uJulius Malema usola uJacob Zuma ngokumkhaphela, wafunga ukuthi uzophikisana nemizamo yeqembu le-MK yokuheha abalandeli nabaholi be-EFF.
- Ebhekene nengcindezi yangaphakathi kanye nokuhlubuka kwakamuva kwamalungu eqembu, uMalema ugxile ekuqiniseni i-EFF ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngenyanga ezayo.
Kuzohlukana inhloko nesixhanti njengoba umengameli we-EFF uJulius Malema esabisa ngokulwa noJacob Zuma neqembu lakhe i-MK.
UMalema, owake wazenza umngani kaZuma, usethi uZuma wamkhaphela wazenza umngani wakhe ngesikhathi emkhaphela.
Okuxakayo ukuthi igama likaZuma elithi ‘Gedleyihlekisa’ lichaza umaluma ephephetha.
“Angikwazi ukusongelwa uZuma. Cha ngimehlulile uZuma,” kusho uMalema ngoLwesithathu.
“UZuma ubecabanga ukuthi uqedile ngami, wangixosha ku-ANC ngokumqhathanisa noThabo Mbeki. Nokusho ukuthi kukhona uguquko lombuso, olwenzeka e-Botswana manje.
“Nganginecala ngalokho ngaxoshwa ku-ANC uZuma kanti uRamaphosa wasetshenziswa njengethuluzi.”
UMalema ubona ukwamukela abaholi be-EFF namalungu ayo jikelele kanye nabalandeli okwenziwa iqembu le-MK njengendlela kaZuma yokumumema komunye futhi umzuliswano.
“Uyangimema ukuthi ngibuye ngizolwa naye futhi ngizokwenza, futhi ngizokwenza kalula.
“Angimesabi uZuma nabo bonke abantu bakhe asebenzisana nabo.
“Ayikho indlela yokuthi umuntu angasabisa ukuba khona kwe-EFF bese lowo muntu ephenduka umngani.”
Umholi we-EFF, osezakhele isithombe sokuthi iqembu le-MK kanye ne-EFF bangakha udonga lokulwa ne-ANC ne-DA, uthe sekuyisikhathi sokunqamula ubudlelwano nabamkhaphelayo.
“Abantu balokhu bekukhaphela bese kuthi uma behlangana nawe esidlangalaleni bafune ukuthi umamatheke. Cha cha cha, hlala kude.
“Asikubeke kucace nje ukuthi asizwene, asizenzele izinto ezahlukene futhi sizakhele amaqembu ethu.”
UMalema ungaphansi kwengcindezi yokugqugquzela amalungu e-EFF ukuthi abe nombono omusha ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngenyanga ezayo.
Iqembu lisanda kulahlekelwa iPhini likamengameli walo, uFloyd Shivambu, ojoyine iqembu le-MK nedlanzana lamalungu e-EFF ePhalamende kanti leli qembu lilwela ukuzuza ukwesekwa umphakathi ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela lomasipala.
Esithombeni esingenhla: UJulius Malema.
Umthombo wesithombe: X
