“Angikwazi ukuphefumula” kusho umdlali we-basketball ecindezelwe iphoyisa ngedolo emqaleni

Dylan Bettencourt

Izithombe zekhamera zikhombisa ukuthi amaphoyisa ase-Los Angeles acindezele  ngedolo umdlali webhola lomnqakiswano (NBA) emqaleni uJaxson Hayes odlalela iqembu elibizwa nge-New Orleans Pelicas.

Ikhanda lakhe belilokhu libheke phansi ehefuzela ethi “angikwazi ukuphefumula”.

Amaphoyisa e-LAPD athole ucingo mhla zingama-28 kuNtulikazi elivela kumzala wentombi yakhe ebeka izinsolo zokuthi uHayes usevele wavukwa ulaka ethethisa intombi yakhe.

Lo mdlali oneminyaka engama-21 akazange asebenzisane namaphoyisa, uvele wamemeza wase eqala ukuqophisana nawo, amaphoyisa abe esemthembisa ukumbopha, okuyilaphoke avele wavukwa ulaka kakhulu abe esephoqeleka amaphoyisa ukumbopha ngenkani.

Ingxabano ebiphakathi kukaHayes namaphoyisa, kube sekuphoqa ukuthi i-LAPD imcindezele phansi uHaye ngedolo emqaleni. Lo mdlali odlalela i-Pelican uthe “angikwazi ukuphefumula” esho kaningi ngaphambi kokuba iphoyisa elinye litshele uzakwabo ukuthi akaphakamise idolo.

Elinye iphoyisa lisebenzise i-Taser esifubeni salomdlali imizuzwana lamukhuza ukuthi ahlukane nomzala kanye nentombi yakhe.

Ummeli kaHayes uMark Baute ubhale kwisitatimende ngoLwesihlanu wathi lo mdlali ubebuye ekhaya ephuma e-Ohio elungiselela imidlalo ezayo.

“UJaxson uyinsizwa esencane enomoya omuhle” kusho ummeli wakhe.

Abaphenyi be-LAPD baphezu kwaloludaba baphenya indlela amaphoyisa ayisebenzisile ngesikhathi ecindezela uHayes emqaleni ngedolo nangalesi sikhathi bembopha. Amaphoyisa asedlulisele icala kubashushisi, kodwa abazange bacacise ukuthi icala lizovulwa noma cha.

Selokhu kwashona uGeorge Flyod ngowezi-2020, izinga lokuzwela mayelana nokusetshenziswa kwamandla ngamaphoyisa likhule kakhulu, ikakhulukazi uma ngabe ukuphoqelela kubandakanya ukuhluleka kokuphefumula komuntu.

Umthombo wesithombe: @BleacherReport

Izihloko zakamuva